Ukhalelwe amasongo kaSigonyela owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ngoMsombuluko emini ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni.
UNgizwe umemezele ngoMgqibelo ekhasini lakhe leTwitter ukuthi uzozinikela emaphoyiseni namhlanje. Abezindaba bamlindele kusuka ngo-9 ngaphandle kwasesiteshini iDurban Central. Kubuye kwathiwa uzofika ngo-11.30, kwashintsha kwathiwa uzotheleka ngo-1 emini kodwa lutho.
Kuzwakale ukuthi ukomkhulu lamaphoyisa esifundazwe nokuyilapho ethushuke khona esefake ozankosi ngabo-3 ntambama.
Ummeli wakhe, uVusi Khathi, ukuqinisekisile ukuboshwa kwakhe, wathi uzoyiswa eGoli lapho icala kuthiwa walenza khona.
Uthe yize kungacaci kahle kodwa sengathi uboshelwe ukuhlanganisa abantu ngesikhathi ethi uzoba nenkulumo ebhekiswe esizweni emasontweni amabili edlule.