UMCULI uZolani Mahola obesehlale iminyaka ewu-17 eculela iFreshly Ground. Isithombe: Sigciniwe

UMCULI osemnkantshubomvu kwezobuciko kuleli ozakhele udumo kwiFreshy Ground, uZolani Mahola, usememezele ukuthi uselishiyile leli qembu. 

UZolani udalule lezi zindaba ekhasini lakhe kutwitter ngoLwesine ebusuku lapho aveze khona ukuthi usezoba ngumculi ozimele. Ubesehlale iminyaka ewu-17 naleli qembu. 

Bendawonye, bakhiqize amanoni abalwa nezingasoze zabuna okubalwa kuwo iNomvula, Doo Be Doo, Pot Belly, Fire Is Low namanye.

UZolani uthe uhlela ukucula yedwa kodwa ngaphezu kwalokho usezongena ekukhiqizeni imidlalo yeshashalazi, izinkulumo ezakhayo kanti futhi uhlela nokuba nezinhlelo zokufundisa endimeni yezobuciko.  

Abalandeli bakhe bamufisele inhlanhla uZolani abanye bethi abangabazi ukuthi usazoqhubeka enze kahle noma esecula yedwa.