UMLINGISI uKhaya Dladla ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi, Indovozi, eshiye abantu bekhuluma.
UKhaya ozakhele udumo elingisa indawo kaGC kuZalo kuSABC 1 ukhiphe le ngoma ngesonto eledlule ezitolo zomculo ze-internet njenge-iTunes.
Kusukela iphumile abantu bakhuluma ngayo abanye bebuza ukuthi ngabe yini Indovozi.
Izinhlamvu zayo zithi: “Dansa uma udansa girl kodwa fihla indovozi. Angithandi man’ ngendovozi. Fihla le ndovozi.”
Ekhuluma naleli phephandaba uthe: “Indovozi yinoma yini ocabanga ukuthi owesifazane kumele ayifihle. Kungaba yikhwapha, izinqa, ibele noma isitho sangasese. Mina nje ngiyathanda ukufaka izinto ezimfishane kodwa ngizifaka ngendlela engabahlanzisi abantu.”
Uthe Indovozi yigama elifana neWewe okwakuculwa ngayo engomeni kaDJ Siyanda eminyakeni eyedlule.
“Yinto ongeke uyichaze ukuthi iyini. Nakuthelevishini kunamagama ongavumelekile ukuwasho njengokuthi sf+?e kodwa uziqambele awakho uthi stshaparap.”
Uthe uyenzile enye yasemisakazweni engalibeki ngesihloko igama elithi Indovozi. Uveze nokuthi kade eyiqophela i-video ezoqala ukubonakala emasontweni amabili ezayo.
“Bengifuna ukuthi noZodwa Wabantu abe khona ngoba ingoma uyayithanda kodwa waba matasa.”
Uqhube wathi zikhona ezinye izingoma azozikhipha maduze ezihlanganisa neye-Afro Soul ayibhalelwe nguLinda Gcwensa.
“Nayo iyakhulumisa ngoba ithi muhle umuntu wami kunowakho. Ngiyayithanda into ekhulumisayo,” kusho uKhaya.