UZIMISELE ngokuthi ingapheli ikwaito umlingisi ophinde abe ngumculi, U-Israel Matseke Zulu, okhiphe i-albhamu entsha yalolu hlobo lomculo.
U-Israel (44) ukhiphe i-albhamu ethi Last Man Standing.
“Ngiyibize ngokuthi yiLast Man Standing ngoba yimi osele. Abasekho abaculi bekwaito njengoMandoza, Brown Dash noSenyaka. Ngifuna ukuthi lo mculo ungafi ngoba yisinkwa sethu. Yinto yakithi lapha eNingizimu Afrika,” kusho * -Israel.
Lena yi-albhamu yakhe yesibili njengoba ngo-2006 akhipha iGhetto Professor eyayinezingoma okubalwa kuzo ethi Ishumi Leminyaka nethi Gumbafaya.
“Kungithathe iminyaka eyisikhombisa ukuthi ngiyihlanganise. Ngiyazenzela izinto ngoba ukuthola umuntu ozokusayina akulula. Kodwa abaculi abaseqophelweni eliphezulu bathatha isikhathi ukukhipha umculo ngoba senza oseqophelweni eliphezulu. Kwamanye amazwe basibukela phansi ngoba bethi sithatha inyanga ukukhipha umculo bese singenzi osezingeni,” kuchaza * -Israel.
Uthe wayenze izingoma ezingu-25 kodwa wagcina ekhethe ezingu-15 azifake kwi-albhamu, ishaya ngesigqi sekwaito, i-house negumba kwaito “okuwumculo engiwuthathe ejele kodwa ngawenza wakwazi ukulaleleka noma yikuphi.
“Umculo wami unezingoma ezakhayo, ezigqugquzelayo futhi ezifundisa abantu. Angenzi umculo ngoba ngibona ithuba lokuthi uzophusheka ngenxa yokuthi ngiwumlingisi kodwa yinto engaphakathi kimi. Uma unephupho uliziba ngeke ulale ebusuku. Abantu futhi kade bewufuna umculo omusha. Ngizimisele ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze ngifinyelele ezingeni eliphezulu ngidlale kuyo yonke imisakazo ukuze umyalezo ufike kubantu abaningi,” kusho * -Israel.
U-Israel, ozibiza ngoGP Ma-Orange, uzakhele udumo elingisa indawo kaGP kwiGaz’lam.