USEPHINDE wanyelwa inyoni esandleni umpheki ophinde abe umlingisi emdlalweni owuchungechunge uLinda majola ngohlelo olusha iThe wedding Chef ezoqala ukubonakala ku-SABC1 maduzane.
ULinda ungomunye wabalingisi abasha ababonakale emdlalweni iThe Wife ekhonjiswa kwiShowmax, lapho alingisa khona indawo kaLanga.
Muva nje uphinde wanyelwa inyoni esandleni ethola ithuba lokwethula uhlelo, oluthi The Wedding Chef, kuSABC1.
Uhlelo iThe Wedding Chef luzoqala kulesi siteshi ngenyanga ezayo.
ULinda ungu- chef oqeqeshiwe, wafunda izifundo ze-catering management esikhungweni iDurban University of Technology (DUT), wabe eseqala indawo yakhe yokudla elolini ayedayisela kulona eduze kwalapho ayehlala khona eBonela eThekwini.
ULinda yize engazange akufundele ukulingisa, ukubonakala kwakhe edlala indawo yewele likaHlomu emdlalweni ohamba phambili njengamanje kwiShowmax iThe Wife kumangaze abaningi ngethalente lakhe, yize bese evele eyintandokazi yabaningi ngama- video akhe amahlaya kwiTik Tok naku Instagram.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi ukuba kwithelevishini enye yezinto ezinkulu ezenzekile empilweni yakhe.
“Mina ngiwumuntu owuthanda kakhulu umkhakha wezobumandi. Ngakho bengihlala ngiziqophela ama-video ngiwafake ezinkundleni zokuxhumana, ngayo njalo injongo yokujabulisa abantu. Lokhu kwenza kwami yikhona okwenze abanikazi bazo zombili lezi zinhlelo bangibone ngase ngithola la mathuba womabili angivulekele. I-SABC1 nabeThe Wife bangibize kanye kanye njengoba ngiqale ukuziqopha kanye kanye zombili lezi zinhlelo,” kusho uLinda.
Uveze ukuthi kwiThe Wedding Chef, uzobe ehambela abantu abalungiselela imishado yabo, nabadinga abantu abazobaphekela ukudla okuconsisa amathe.
“Ngizobe ngihamba nalezi zithandani, zibheka umuntu ozoziphekela. Uhlelo lolu engikholwa wukuthi abantu bazolluthanda kakhulu. UChef uzozidayisa kwabazoshada ukuze bakhethe yena. Kuningi kakhulu abantu abazokufunda ngakho sengikubheke ngabomvu ukuthi luqale kwithelevishini,” kusho uLinda.
Uthe ohlelweni abapheki abazohlangana bathathu bese kuba oyedwa kuphela okukhethwa ukudla kwakhe bese epheka emcimbini womshado.
Uthe iziqephu zalolu hlelo zizoba yishumi, bese umpheki ophumelele ethola isicoco abanye ababili nabo bazothola imiklomelo ehlukene.
Njengoba esengene kwithelevishini uLinda uthe usefuna ukungena emsakazweni nokungenye yemikhakha ayithandayo.