UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko kuzokwelonke, uNathi Mthethwa, uzosithathela izinyathelo zomthetho isishoshovu samalungelo amaciko, * -Eugene Mthethwa ngezinsolo zokumehlisa isithunzi.
Iphephandaba lesiNgisi langeSonto libike ukuthi u-Eugene, obuye aziwe ngoDonald Duck wodumo lweTrompies, uthe uMthethwa ufuna ukumsoconga.
Ucashunwe ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo somculi ongasekho uDan Tshanda eGoli ngoLwesihlanu.
Kuthiwa uthe uxwayiswe wumngani ngokuthi angayi eThekwini ngempelasonto lapho i-ANC ibinomgubho wayo weminyaka engu-107.
Kuthiwa lokhu kungenxa yokuthi uMthethwa akeneme ngenkulumo ka-Eugene lapho esola khona ungqongqoshe ngokusebenzisa imali kahulumeni ukuxhasa ngokungemthetho inhlangano elwela amalungelo amaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa ephethwe nguTony Kgoroge.
“Kumele ngabe ngiseThekwini namhlanje kodwa ngalunywa indlebe ngokuthi ngingayi ngoba ngingase ngisocongwe ngenxa yokuthi ngembula izinqa uNgqongqoshe uNathi Mthethwa phambi kukamengameli. Ngangikhuluma iqiniso, ngangingembuli izinqa,” ucashunwe esho kanje.
Ihhovisi likaMthethwa lithe inkulumo ka-Eugene ithunaza isithunzi sakhe.
“Iyimizamo yokuthunaza isithunzi sakhe nehhovisi likangqongqoshe uMthethwa,” kusho isitatimende.
Imizamo yokuthola * -Eugene izolo ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belungangeni.
Ucashunwe kwiTshisaLive ethi usamile ekutheni uzwe kuthiwa impilo yakhe isengozini.
Uthe ubudlelwane bakhe noMthethwa abubuhle wathi unethemba lokuthi lolu daba luzolungiswa kwi-ANC ngaphambi kokuthi luye enkantolo ngoba bobabili bangamalungu ale nhlangano.
Uqhube wathi ubelindele ukuthi ungqongqoshe amshayele ucingo ngaphambi kokuthatha izinyathelo zomthetho.