UMDOLOMBA osheba umculo kamaskandi nowe-Afro pop
Image: SITHUNYELWE
INDAWO yaseNquthu yaziwa kakhulu ngomculo kamaskandi njengoba ikhiqize abaculi abahlonishwayo, kubona okubalwa uMahawukela, Amatshitshi Amhlophe, Izingane Zoma, Dlubheke, Falabo, Imfezemnyama, Jaiva Zimnike nabanye.
Esikhundleni sokuba uSibusiso Mdolomba Buthelezi, wasesigodini saKwaNdindindi, ahambe ezinyathelweni zalawa maqhawe, uvele waphuma eceleni njengojosaka.
UMdolomba (44) uthe yize ekhule enesifiso sokuba wumculi emuva kokuhlatshwa umxhwele izinkakha zikamaskandi uThwalofu Namankentshane noMfazomnyama ababenandisa emzini kaSosobala Mbatha eNquthu ngo-1988, kodwa wayengazitsheli ukuthi leli phupho lalizofezeka.
Uthe wazithola esengena emculweni ngenxa yokuthi wayevamise ukuxosha ubuthongo ngokudlala isigingci ejele ayesebenza kulo eMpangeni ngo-2005.
Uthe ngozakwabo abathi uma bezwa indlela ayencinza ngayo isigingci bagcina sebemnikeza ugqozi nofuqufuqu lokuba angene e-studio ayoqopha. Nakuba kunjalo akabanakanga ngoba wayebona kuyinto eyayikude naye. Ukufudukela ejele laseGoli,iSun City, yikho okwenza leli phupho lafezeka ngokuphazima kweso.
"Yilapho ngaba nenhlanhla yokusebenza nomculi kamaskandi uThwalofu njengemenenja nomunye futhi ngiphrojusa naye umculo wakhe.
"Ngo-2018 ngibe sengingena e-studio ngiyozwa amanzi ngobhoko ngomucu we- Afro house osihloko sithi Amatshe. Ukuthakaselwa kakhulu kwale ngoma kwenza ngalandelisa ngethi Amagugu ngo-2020, lapho ngasebenza khona noSide Effex."
UMdolomba uthe wabuye wathola ugqozi lokwenza i-albhamu yomculo kamaskandi esesemshinini kodwa engaphuma noma yinini.
"Kulo nyaka ngibe sengiqopha iEP esihloko sithi Iziyalo, engisebenze kuyo noGMC Intabamlilo, enezingoma eziyisikhombisa ezophuma ngaphansi kwesitebela iBB Records maduze. Kuyo leyo EP, ngisakhiphe ingoma eyodwa esihloko sithi Iziyalo."
UMdolomba uthe uthando lomculo lwaqala esemncane kodwa eselusa. Uthe ugqozi walufakwa unina owayevamise ukubuya eGoli nomsakazo odlala amakhasethi, okuyilapho ayethola khona isikhathi sokulalela lonke uhlobo lomculo. Uthe wachazwa kakhulu umculo kamaskandi, reggae nowe-jazz.
"Ekuhambeni kwesikhathi ngazibandakanya nekhwaya yasesontweni lamaKhatholika lapho engangibuye ngidlale khona ama-Rimba.
UMDOLOMBA osengomunye wabaculi be-Afro pop
Image: SITHUNYELWE