KWAKUSEMNANDI phakathi kukaSello Sebotsane noShoki Mmola besashadile
Image: SIGCINIWE
INKAKHA yomlingisi wakuleli, uSello Sebotsane, ikhuluma ize ihlengezele izinyembezi uma ibalisa ngobuhlungu bokunqatshelwa ukubona izingane zayo. Ekhuluma kwiThe Voice with Palesa, uSello (54) uthe wagcina ukubona izingane zakhe mhlazana kufihlwa uyise eMamelodi ngo-2019. USello, wodumo kwiStokvel nakwiSoul Buddyz, uthe usezame konke ukusondeza amadodakazi akhe amabili kodwa umndeni wobengumkakhe uShoki Mmola uyenqaba.
"Yize ngingenamali kodwa ngiyafisa ukunikezwa ithuba lokubona izingane zami."
Uthe ubuhlungu abuzwayo ngokungaziboni izingane zakhe kuke kwamenza wacabanga nokuzibulala ngokudla inqwaba yamaphilisi.
"Ngabuye ngazikhuza, ngathi lokho kuwubugwala. Ngathi angizozwa ubuhlungu uma ngizibulala kodwa ngithini ngobuhlungu obuzoziwa ngabazosala ngemuva."
Ukuhlukana kukaSello noShoki kwenzeka emuva kokuba uShoki, ngo-2016, edalule ukuthi uSello ubemhlukumeza, emshaya. USello usanda kuphumela obala waxolisa kuShoki ngokumhlukumeza. Ebuzwa ukuthi kwaqala kanjani, uthe kwaqala ngokuthi amsakaze ngezimpama. Usole ukushaywa esikoleni njengembangela yokuba agcine esephenduke umhlukumezi.
USello uthe ukuvela kwezindaba zokuthi ubehlukumeza umkakhe kwenza nabadidiyeli bemidlalo bamadolonzima ukumqasha. Lo mlingisi oseneminyaka engu-30 eyibambile insimbi ishisa kule ndima, ugcine ukubonakala kwithelevishini edlala indawo kaBra Pantsula kwi-Ak'siSpaza. Uthe akanayo imali kangangoba akakwazi ngisho nokuzithengela uswidi ngenxa yokuthi abantu abafuni ukumqasha ngoba bethi unodlame. Ukhale ngokuthi emidlalweni eminingi sekuqashwa onontandakubukwa abadume ezinkundleni zokuxhumana.
"Noma kwenzeka uqashwa uholelwa amakinati. Asikwazi ukukhuluma ngoba singamagwala." Nakuba kunjalo kodwa uthe usekhona umuntu wesifazane asejola naye.
Imidlalo aseke wavela kuyo ngethi Jock: A True Tale of Friendship ngo-1994, Tarzan: The Epic Adventures,Panic Mechanic,Orion's Key,Tarzan and the Lost City,CI5: The New Professionals, Soul Buddyz, Mazinyo dot Q, One WayAndries Plak, Backstage, ErfsondesT, Van der Walt's Fault, The No. 1 Ladies' Detective Agency 90 Plein Street, Home Sweet Home, Jacob's Cross, Those Who Can't Safe As Hauser's, Greed & Desire,Saints and Sinners, Sokhulu & Partners, Broken Vows, The Throne, Isidingo, Trackers, Löwenzahn - Abenteuer in Südafrika, Löwenzahn, Vutha, Kings of Jo'burg neHouse of Zwide.