USEBUYELE kwiVuma FM umsakazi oyinkunzi esiluvava kulo mkhakha uLucky Sefatsa nowaduma kakhulu esasakaza kuKhozi FM kudala.
Lo msakazi obuye abe ngumthandazi usenezinsukwana ebuyile kulesi siteshi emuva kokusishiya ngesikhathi esabambe kwiVibe FM.
“Okwamanje kusahlelwa ngoba unyakazimali wesiteshi uzophela ngoJuni, bese kuyaxoxwa kahle into eqondile. Okwamanje ngisabambela abanye abasakazi ezinhleweni zabo.
“Ngithembisa okuhle kodwa kubalaleli ikakhulukazi njengoba iVuma isishintshile indlela eyenza ngayo iheha abalaleli abasha,’’ kusho uSefatsa.
Uthe njengamanje lesi siteshi sishaya ngonyawo olusha njengoba seludlala nezinye izinhlobo zomculo.
Uchaze lokhu njengento ezomnika inselelo entsha ngoba wahamba kungakaqalwa lolu hlelo olusha.
Isikhulu salesi siteshi uPearl Sokhulu sithe bebengeke bakwazi ukushalazela ithalente namava kaSefatsa, yingakho bemlandile.
“Uyingxenye yezinhlelo zethu ezintsha, unethalente kakhulu siyamazi. Njengoba silande noThandeka Dawn King sizimisele ukufaka umfutho omusha impela,’’ kusho uSokhulu .
USefatsa uthe akahlalanga isikhathi eside kwiVibe FM njengoba babemcelile ukuthi azolekelela ekucijeni ithalente kubasakazi abasafufusa.
Uphawule nagempilo yakhe kwezothando wathi usekulungele ukuthatha kodwa akajahile uzolinda idlozi lakhe limkhanyisele limnike umuntu ofanele.
Lo msakazi ubhidlikelwe umshado wakhe nobengunkosikazi wakhe oke waba ngumethuli wezindaba emsakazweni
Ukhozi nakwithelevishini uPhilisiwe Sefatsa.
Uthe usedlulile kulokho, impilo yakhe iyaqhubeka, ngeke esakhalela amanzi achithekile.
“Angijahile ngisabuka nje kodwa kufanele ngigcine ngithathile ngoba kufanele umuzi uvuke, impilo iqhubeke. izivunguvungu ezaba khona zazihambisana nayo indaba yomsebenzi wabadala. Kuyenzeka bakuvalele izinto zibe mnyama ukuze usukume ubanake.’’
Uthe lo msebenzi wabaphansi ngeke umphazamise ekusakazeni ngoba akagxilile kuwona, uyasiza labo abasuke bethuka befika kuye.