UMLINGISI owalaxazwa yiSibaya uthe yize lokhu kwamphatha kabi kodwa wayazi ukuthi uNkulunkulu kukhona ambekele khona.
ULinda Mtoba obelingisa indawo kaZama Ngwenya kwiSibaya ungomunye wabalingisi okuzothi maduze bajoyine umdlalo oshisa izikhotha kulezi zinsuku, iThe River ekhonjiswa ku-1Magic (103).
Ekhuluma neSolezwe uLinda uthe okumjabulisa kakhulu ngokujoyina lo mdlalo wukuthi usemusha futhi uqale kuwo usanda kwethulwa kubabukeli.
“Into ebalulekile ekulingiseni wukukhipha ikhono lakho lonke kuthi noma unyamalele kodwa abantu bakukhumbule,” kusho uLinda.
Uthe kwiThe River uzobe elingisa indawo kaNomonde oyindodakazi kaZweli (Hlomla Dandala) ayithola emshadweni wakhe wokuqala.
“Ababukeli balo mdlalo bazoyijabulela indawo kaNomonde, nami sengifisa sengathi ngabe sengiqalile ukubonakala ukuze abantu bazi kahle ngale ntokazi,” kuchaza uLinda.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi uLinda akuyena yedwa umlingisi ojoyina lo mdlalo. Kuvele ukuthi izinkakha zabalingisi okunguJet Novuka noFerry Jele nabo bazobonakala kulo mdlalo.
UJet uzobe elingisa indawo kaWalter Khanyisa Sotshongaye, oyisoka lakudala likaLindiwe (Sindi Dlathu) ebelisejele.
Ukuboshwa kukaWalter owaqala ibhizinisi lemayini noLindiwe kwenzeke ngemuva kokufa kukayise kaLindani (Lunga Shabalala), owabulawa uLindiwe kodwa owagcina ethe umufi ufe ngenxa kaWalter.
Omunye umlingisi ozoqala ukubonakala kuleli sonto nguFerry Jele ozobe elingisa indawo kaVeronica.
UVeronica uzobonakala kulo mdlalo engunina kaZolani (Lawrence Maleka) abangezwani naye.
Okhulumela i-1Magic, uNondumiso Mabece, uthe bakujabulele ukwamukela laba balingisi kulo mdlalo.
Uthe abangabazi ukuthi izindawo abazobonakala kuzo zizojatshulelwa abaningi futhi zizoyisa umdlalo phambili njengoba kusekuningi okuzobonakala kuwo.