SEKUSUKE omunye umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngomlingisi wakuleli ohlezi ezithola esemahlazweni.
INingizimu Afrika ivuke nge-video yocansi ebonisa uSthembiso “SK” Khoza ethe ne esithweni sangasese sowesimame ongavelanga.
Ngemuva kokuvela kwalawa manyala, lo mlingisi uphanyeke isithombe enkundleni i-Instagram eveza ukuthi abantu ababhalise ukubona ama-video akhe kwi-OnlyFans, nokuyinkundla eveza ama-video ocansi kuphela, kanti kuyakhokhelwa ukuwabuka
Kuvela lawa manyala nje, abalandeli bakhe babezwakalisa ukukhathazeka ngaye ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kuvela ivideo exabana nowesilisa omhlophe.
Kule video, kwakubonakala ukuthi lo mlingisi akekho esimeni esihle. Kwasuka okukhulu ukukhuluma abanye baze basola unina wengane yakhe oyisangoma sodumo uGogo Maweni, ngokuthi kukhona amenze kona ngoba sekunesikhathi emsola ngokungondli ingane yabo.
Ngemuva kwaleso sigameko, Isolezwe ngeSonto labika ukuthi lo mlingisi ulashwa ngokwesintu.
lithole ukuthi uSthembiso “SK” Khoza owagqama edlala indawo kaShaka emdlalweni okhonjiswa kuMzansi Magic, iThe Queen, uselashwa ngokwesintu.
Wavuma ukuthi impela kukhona ukwelashwa ngokwesintu aphezu kwakho.
“Njengom-Afrika kunezinto engingavumelekile ukuzimemezela kodwa yebo kunohlelo lwesintu engiphezu kwalo kwazise ukuthi ngangingeke ngihlale nginethezeke sengizwile ukuthi kwenzekani nokuthi kwenziweni kimina. Ngiyathembisa kodwa kubalandeli bami ukuthi uSK abamjwayele usezobuya,” usho kanje.
Abaningi bathi le video eqhamuke phakathi kwamabili iyabonakala ukuthi yintsha ngoba kumnyama nokwenza basole ukuthi bekuhambe ugesi.