UBOPHE ifindo likasofa silahlane umlingisi uThembalethu Ntuli (27) waseVosloorus, eGoli nesinqandamathe sakhe, uHope Masilo (28), eGoli ngoLwesihlanu odlule.
Izindaba zomshado womlingisi zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngosuku lwawo, ngemuva kokusabalala kwezithombe.
Abaningi bahalalisele uThembalethu kodwa abanye bagcine sebehlekisa ngobufishane bakhe, besola ukuthi umkakhe mdala kunaye.
Omunye obehleka, uthe ubengazitsheli ukuthi umshado wangempela ubecabanga ukuthi uThembalethu noHope baqopha ifilimu.
Omunye uthe ubezitshela ukuthi uThembalethu uyimpelesi yomkhwenyana.
Esinye sezithombe esishiye abaningi behleka yilapho uThembalethu egibele ogodweni ngesikhathi eqabula unkosikazi wakhe njengoba emfishane.
UThembalethu wazakhela igama ngokudlala indawo yomfana omncane, uPule, emdlalweni we-e.tv iRhythm City eminyakeni edlule.
Isolezwe ngeSonto like labika kabanzi ngaye engosini i-Ake Sikwazi ngoNovemba nyakenye.
Lakhuluma naye ngesikhathi ehambele eThekwini ukuzomaketha ifilimu ayelingisa kuyo kaLeon Schuster iFrank and Fearless eyaboniswa ema-cinema ngawo uNovemba nyakenye.
Kule filimu wayedlala indawo yomfana oneminyaka eyishumi, uFearless, owayegqugquzela ukuphepha kobhejane.
UThembalethu waveza ukuthi unaye umaqondana yize amfihla igama lakhe kodwa uzimisele ngokumshada maduze.
Waveza ukuthi akakaze alale nomuntu wesifazane, uzigcinele umshado.
Ukungahambisani kweminyaka yakhe nesiqu sakhe, wathi kwamhlukumeza kakhulu esakhula, ikakhulukazi ngesikhathi esefunda esikoleni samabanga aphezulu.
Isigameko athi ngeke asikhohlwa empilweni yakhe yingesikhathi omunye umfundi omdala emqukula emshushuzelisa okwengane, wamphendula inhlekisa esikoleni.
Phambilini uveze ukuthi ubufishane bakhe bamvulela amathuba ekulingiseni, buyamgqugquzela ukuthi abe nokuzethemba nokuthi angaphiki nabantu kodwa abambelele kwakuthandayo.
Isiqubulo sakhe empilweni wathi sithi: “Ungabuki isiqu sakho ngalokhu uNkulunkulu akubekele khona.”
Imizamo yokuthola uThembalethu ayiphumelelanga, ucingo lwakhe lubanjwe owesifazane ophikile ukuthi yinombolo yakhe. Yize kunjalo, le nombolo kwiWhatsApp ibiveza isithombe sikaThembalethu nowakwakhe bebambene.