Ezokungcebeleka

USbo Da Poet uzocobelela ngolwazi izimbongi mahhala eMzinto

Fanelesibonge Bengu|Published

Sbo Da Poet

IMBONGI uSbo Da Poet ihlele umcimbi wokucobelelana ngolwazi kwezezinkondlo eMalangeni Hall, eMzinto, kusasa ngoba ifuna ukuthuthukisa lo mkhakha ikakhulukazi ngalapho idabuka khona.

USbo, ozalawa eMandawe, eScottburgh, uthe baningi abantu abasha abahlale bembuza ukuthi wenza kanjani ukuze abe lapho esekhona.

USbo uzakhele udumo ngezinkondlo okubalwa kuzo iDefinition of Makhwapheni, Isithombe Somshado nezinye. Izinkondlo zakhe zazijwayele ukudlala ezinhlelweni zethelevishini okuyiZone 14, Isibaya noSmovane.

Nothando Ngcobo

“Kubaluleke kakhulu ukuthi ulwazi esinalo siludlulisele kwabanye ukuze nabo bezothola ukuziphilisa ngawo lo mkhakha. Ngibonga kakhulu kuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke ngokufaka isandla kulolu hlelo,” kusho uSbo.

Uthe ngaphandle kokucobelela ngolwazi kwezezinkondlo, umeme nabanye osaziwayo ukuze bezokhuluma ngezinye izihloko ezithinta ubuciko.

DJ Happy Gal

“Ngizobe ngihamba noNothando Ngcobo abaningi abamazi ngoHlelo kuZalo ozokhuluma ngokuthi uma uyiciko iyiphi indlela okumele uziphathe ngayo. Kukhona noDJ Happy Gal ongumsakazi weGagasi FM naye ozobe ethinta izihloko ezimayelana nokuzikhulisa njengeciko njengoba yena saqala ngokumazi enguDJ kodwa namhlanje useyasakaza futhi uyalingisa,” kuchaza uSbo.

Uthe lo mcimbi, Umkhosi Wezimbongi, uzoqala ngo-9 ekuseni kuze kube wu-3 ntambama. Uthe kungenwa mahhala.