INDODAKAZI ezalwa emndenini odume ngokuba yizimpunyela, uSbahle Mpisane, uhloniphe unina uShauwn Mkhize ngokumqopha emzimbeni (tattoo).
Le ntokazi ithe okuyenze yahlonipha unina ngale ndlela yingoba wayinakekela ngesikhathi kwembulwa kwembeswa kuyo emuva kwengozi yemoto eyacishe yaqeda ngaye.
Ufanise umzimba wakhe nencwadi bese ama-tattoo eba wudaba. "Ngiyabonga mama ngokuhlala ungiqonda nokuba seduze kwami kukuhle kukubi. Uyisibusiso kimi. Ngikuthanda ngokungazenzisi," ubhale kanje uSbahle kwi-video ayiqophe ngesikhathi enziwa i-tattoo.
USbahle wake waba segunjini labagula kakhulu esibhedlela emuva kokubandakanyeka engozini yemoto eyamvelela emgwaqweni uMargaret Mncadi Avenue, eThekwini ngezintathakusa zangomhla ka-9 Agasti, 2018.
NoShauwn ubehlale eziqhenya kakhulu ngokusebenza ngokuzikhandla kukaSbahle ukuze alulame kule ngozi.