INTANDOKAZI yaseThekwini esizakhele igama ngokuzivocavoca, uSbahle Mpisane, ithi sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili ingakwazi ukuhamba selokhu yaba sengozini yemoto nyakenye.
USbahle uveze lezi zindaba ngoMsombuluko ekhasini lakhe ku-Instagram lapho edalule khona ukuthi uzimukile nasemzimbeni ngenxa yamaphilisi awaphuzayo nokungakwazi ukuhamba nokuzivocavoca ngendlela kulandela ukuxilongwa odokotela.
“Imithi, ukungakwazi ukuhamba ezinyangeni eziyisishiyagalombili kanye nokungakwazi ukuzivocavoca kulesi sikhathi, sekungenze ngakhuluphala, ngiyathemba lokhu (isiphuzo) kuzongisiza ngehlise emzimbeni. Uma ngizoncipha emasontweni ngizonazisa ukuthi yini engiyifakayo kuzo nezindlela zokuzivocavoca ezilula,” kusho uSbahle ku-Instagram efake isithombe sesiphuzo sakhe.
BUKA: Ululama kahle uSbahle Mpisane
Selokhu ephumile esibhedlela kulandela ingozi uSbahle isikhathi esiningi ezithombeni ubonakale ekwi-wheelchair. Uvamile ukufaka ama-video ezivocavoca noma echitha isikhathi nabangani bakhe.
Isithombe sikaSbahle Mpisane esathathwa ngo-Agasti nyakenye ngaphambi kokuba sengozini yemoto.
USbahle waba sengozini yemoto enyantisa igazi ngo-Agasti 9 nyakenye eThekwini. Wangeniswa egunjini labagula kakhulu esibhedlela nokuthe uma eselulama waqhubeka wahlala izinyanga ezine njengoba eze waphuma ngoDisemba.