UYISE kaSbahle Mpisane, uSbu, uthe indodakazi yakhe isanyangwa ngodokotela esibhedlela ukuze ibuyele esimeni sayo.
Uthe indodakazi yakhe iphuke amathambo nokuyingakho odokotela besayigcinile.
“Umuntu uma ephuke amathambo akukhona ukuthi kufakwa into ethize bese eyalulama. Kuthatha isikhathi sezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha,” kusho uMpisane.
Uthe ukululama kukaSbahle kuhamba ngezigaba.
“Isigaba sokuqala bekungesokuthi aphile. Esilandelayo ukuthi aphole amanxeba ngoba walimala kanzima futhi ulashwa nawodokotela bengqondo. Odokotela bamelapha ukuthi abe wumuntu ophelele, ophilayo,” kuchaza uMpisane.
Ugcizelele ukuthi uSbahle uyaphila futhi usesesibhedlela.
USbahle, ozakhele udumo ngokujima nokujimisa abantu, waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuba sengozini yemoto emgwaqweni uMargaret Mncadi Ave (Victoria Embankment) eThekwini, ezintatha ngo-Agasti 9.
Amaphoyisa athi imoto yakhe, iBMW 4 Series, yashayisa qede yagqamuka amalangabi.
Ngenyanga eyedlule wabonakala okokuqala ekhuluma kwi-video eyafakwa wumfowabo, u-Andile, wabuye wayikhipha, lapho ayebonga khona abantu ngokumeseka.
Kusukela le ntokazi eyayiyingxenye yohlelo iTropika Island of Treasure, ingenile esibhedlela imiyalezo yokumfisela ukululama okusheshayo, ibilokhu ingenile ezinkundleni zokuxhumana.