USBAHLE Mpisane useveze ukuthi isimume emphinjeni indaba yokubizwa ngombulali.
Lokhu kulandela ukuthi omunye wabalandeli bakhe enkundleni yokuxhumana eveze ukuthi, le ntokazi njengoba ithi ihamba odokotela bengqondo futhi isikhumbula nezinye zezingoma zikaBeyonce ukuthi kodwa kuyadabukisa ukuthi ayikhumbuli “yabulala umuntu”.
USbahle uthe, yize le nkulumo ithinta inhliziyo kodwa ayimphathi kabuhlungu njengoba iqiniso laziwa uJehova ngale ngozi.
“Abomthetho nalabo abafika kuqala endaweni okwenzeka kuyona ingozi yibona namanje engisasho ukuthi bayalazi iqiniso njengoba mina ngingakhumbuli lutho. Laba abakhuluma noma yini ngami okubuhlungu usuku nosuku ababazi ubunzima engibhekana nabo. Ukuvuka ngemuva kwamasonto amathathu kwikhoma, kwangenza ngabuza abantu izinto ezehlukene ngenxa yokuthi ngangicabanga ukuthi ngiwe emasitebhisini asesikoleni,” kusho uSbahle.
Uthe ubengazenzisi uma ethi akukho akukhumbulayo okwenzeka ngemuva kwengozi eyamshiya elimele kabi. “Ngemuva kokuthatha ucingo lwami ngoDisemba, kula ngathola khona ukuthi yini ekhulunywa ngale ngozi. Ngakhetha ukungakunaki konke okubi okukhulunywayo ngavele ngakhetha ukusinda ebuhlungwini engangikubona. Ngibonga uxhaso engiluthole emndenini wami nakubangani nakuwona wonke umuntu wakuleli okhombise ukungithanda,” kuchaza yena.
Uthe kusuka ngoJanuwari usuku nosuku ubelashwa ingqondo nokumsize kakhulu ngezinye izinto emzimbeni wakhe ezithinta ukunyakaza komzimba.