KHUZANI MPUNGOSE
UMCULI kamaskandi oqokwe emkhakheni womculi ohamba phambili kumaDStv Viewers Choice Awards, uKhuzani Mpungose, usecacisele abalandeli bakamaskandi ukuthi umcimbi ayekade ememezele ukuthi uzowenza, wokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida, usazoqhubeka.

Kuke kwaba nemibuzo ngalo mcimbi, abantu bezibuza ukuthi ngabe usazoba khona yini njengoba kwakuvele ukuthi uzoba ngoSepthemba.

Imibuzo ibiqhamuka ikakhulukazi kubalandeli bakamaskandi ngoba umcimbi kwakukade kumenyezelwe ukuthi uzoba kule nyanga.

UKhuzani ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram wathi abalandeli abehlise umoya ngoba maduzane bazomemezela yonke imininingwane ngawo.

“Sizwe sakithi ngiyazi ukuthi niyazibuza niyaziphendula ngendaba yokugcwalisa iMoses Mabhida Stadium. Okumele nikwazi wukuthi iyasetshenzwa ubusuku nemini indaba yawo futhi izokwenzeka. Ngisho nabaphathi benkundla bayawudinga umcimbi ngoba ufana nomlando olindwe abantu bakuleli bonke,” kusho uKhuzani.

Uthe akekho ongazi ukuthi wuCassper Nyovest owaqala umcimbi ofana nalona futhi waqopha umlando. Nabo njengabaculi bakaMaskandi bayafisa umculo kamaskandi uqophe umlando.

“Akusensuku zatshwala nizwe ngezinhlelo zonke futhi abaculi bakamaskandi abahlukene bayobe bekhona,” kuchaza yena.

Ubonge abaxhasi athe sebevumile ukuthi bazofaka isandla kulo mcimbi.

Ethintwa uKhuzani uthe akabuyelwe kuyena emuva kwemizuzu ewu-30 kodwa uthe uma eseshayelwa wangabe esaphendula.