ISILOMO sikamaskandi, uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, sithi isikhathi sesihambile ukuthi singenza umcimbi waso wokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida Stadium kulo nyaka.
UKhuzani waphumela obala wathi ufuna ukugcwalisa le nkundla yaseThekwini ngemuva kokuthi umrepha uCassper Nyovest athi uzokwenza umcimbi wokuyigcwalisa.
Umcimbi kaCassper uzoba ngoDisemba 1 kanti useqalile ukwehla enyuka ewumaketha. Phambilini uKhuzani wathi umcimbi wakhe uzoba kulo nyaka. Kuze kube yimanje ubengakaze asho ukuthi uzoba ngaluphi usuku.
“Isikhathi sesihambile kodwa uma abaxhasi bethi asiqhubeke kulo nyaka, sizoqhubeka,” kusho uKhuzani.
“Sinalo vele usuku esalunikezwa ngabaseMabhida futhi ngasohlangothini lwethu sizilungiselele nabantu bavivile. Kuzokwenzeka,” kusho uKhuzani.
Leli phephandaba lathola ngomthombo walo ongaphakathi eMabhida ukuthi usuku olubekelwe umcimbi kaKhuzani iFull Up Moses Mabhida Stadium wuDisemba 8.
“Sesithumele wonke amaphepha kubaxhasi, silinde ukuthi basayine bazibophezele. Asikwazi ukuqhubeka nezinye izinhlelo ngaphandle kwabo.”
Lo mculi ubuye waveza ukuthi uzokhipha i-albhamu ethi Inhlinini Yoxolo Part 2 ekupheleni kwenyanga. Phambilini ukhiphe ethi Inhlinini Yoxolo Part 1 egabe ngezingoma okubalwa kuzo ethi Ishende nezinye.
“Iqhubeka lapho kugcine khona endala. Nayo izodayisa igolide,” kusho uKhuzani.
Uthe usefuna ukunqoba indondo yeGrammy ngoba usethole imiklomelo ehlukene kuleli.
“Uma ngithola iGrammy kuyobe kuphelelisiwe futhi abantu baseNingizimu Afrika bangangivotela kuwo. EMzansi sengiwine wonke, angifuni ukugidagida endaweni eyodwa ngifuna ukwaziwa umhlaba wonke. Kuleli sengikhombisile ukuthi ngingenza kwenzeke. Akekho umculi onabalandeli abangaka lapha ngisho uCassper uma egcwalisa izinkundla kusuke kungebona abalandeli bakhe yedwa kodwa kungabathandi bomculo abameseka ngoba enza into enhle.”