NGEKE usaba khona umcimbi weqembu Iziqhaza wokwethula ingoma ne-video entsha ebisanda kuqoshwa emva kokulimala engozini yemoto bephuma ukuyonandisa KwaNongoma.
Umcimbi ubuzoba sendaweni yobumnandi iViews@25, eMorningside eThekwini ngempelasonto esiya kuyona.
Nakuba uKhanyisa Mbuthu oyilungu laleli qembu nozakwabo uMbongeni Mavuso sebephumile esibhedlela kodwa abakalulami kahle.
“Siphume ngoLwesihlanu esibhedlela, ingalo yami ayikasebenzi nhlobo naye uMbongeni odokotela bathe kumele bamelaphe njengoba alimala kanzima esifubeni kwaba khona imithambo yenhliziyo ethintekayo evuvukele. Baveze ukuthi bekumele bamhlinze kodwa ngenxa yokuthi uke waba nomdlavuza ngeke bakwazi ngoba lokho kungabeka impilo yakhe engcupheni. Bathe kungcono bamnike amaphilisi azokwazi ukwelapha kahle inhliziyo ngoba kungaba yingozi uma kungenzeki lokho,” kuchaza uKhanyisa.
Uthe bayabonga ngemiyalezo abayithola ebantwini abehlukene bebafisela ukululama.
“Ngokuhamba kwesikhathi uma sesilulame kahle sizomemezela izinhlelo zomcimbi njengoba sifisa ukujabulisa abalandeli bethu. Ezinkundleni zokuxhumana abantu kumele belokhu bebheke njalo njengoba okuningi sizokumemezela khona,” kusho uKhanyisa.
UKhanyisa waveza ukuthi ingozi yehla sebesuka egaraji likaphethroli eMvoti beqeda ukuthenga ukudla.
Wathi umshayeli wabatshela ukuthi kukhona akubona emgwaqweni wazama ukukuvika kodwa imoto yagingqika.