UZIBONA ezelwe kabusha umlingisi odlala indawo kaGoodness emdlalweni iThe Queen oveze ukuthi ukulingisa kulo mdlalo kungathi kungokokuqala kuye selokhu angena kulo mkhakha.
UZenande Mfenyana uthe yize eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kuleli okukhona kuyo iGenerations azakhela kuyo udumo ne-Ashes to Ashes, uzizwa esekhaya kuThe Queen.
Enkulumeni abe nayo neSolezwe, uZenande uthembise into yamehlo athi isazobonakala eyenza kulo mdlalo.
“Ngeke ngikukhohlise kwakubuhlungu ukushiya kuGenerations njengoba kwakungumdlalo omkhulu futhi umuntu esazakhela igama kuwo nezinto zihamba kahle. Ukuya ku-Ashes to Ashes nakho kwangisiza njengoba ngafunda lukhulu, kwangisiza ekukhuliseni igama lami ekulingiseni,” kusho uZenande.
Uthe ukusebenzela abakwaFerguson, uConnie noShona kwamenza wahalela ukuqhubeka ebonakala emidlalweni abayikhiqizayo.
“Ngesikhathi bengithinta bengitshela ukuthi angize ngizolingisa kuThe Queen, ngajabula futhi ngangilokhu ngibabuza imibuzo eminingi. Kuningi okusazobonakala kulo mdlalo kwenziwa wuGoodness ngiyathembisa,” kusho uZenande.
Okunye kwakho uthe njengoba ehlala evikela uyise wakhe omncane (Zolisa Xaluva) yingoba kukhona induku ayifihle emqubeni.
“Ngingasho nje ukuthi abantu basangibona ngilokhu ngizama ukudala ukuthula ekhaya kithi kwaMabuza kodwa lokhu akuchazi ukuthi nami ngilungile, abantu basazongibona ukuthi ngingubani,” kuchaza.
Uthe indlela angena ngayo kulo mdlalo edunga umuzi wakwaKhoza ngenxa yokuthandana nezelamani zakhona yamenza wafunda lukhulu.
Uphinde waveza ukuthi unomkhankaso wokunikela ngezingubo zangaphansi emantombazaneni asemancane.
Kulo mkhankaso uthe unikelela amantombazane aswele ahlala ezikhungweni zezintandane ezahlukene kuleli.