AKUCACI ngekusasa lesilomo somlingisi weSibaya, uThembi Nyandeni, njengoba kuvela ukuthi akasaqophi kulo mdlalo.
UThembi, ongomunye wabalingisi ababa khona kusukela lo mdlalo uqala, ulingisa indawo kaMkabayi ongusomatekisi ongawubambi umshini. Ungudadewabo kaMpiyakhe olingiswa wuSiyabonga Thwala.
Umthombo weSolezwe ozazi zonke ezenzeka kulo mdlalo udalule ukuthi akuveli ukuthi kuzokwenzekani kulo mdlalo.
“Useqedile ukuqopha indawo yakhe. Asazi ukuthi uhlabe ikhefu noma akasabuyi ngoba akuveli kahle. Engingakusho nje kodwa wukuthi akasaqophi futhi kusathulekile ngokuthi kwenzekani ngendawo yakhe,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uThembi izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe lulokhu lungena kwi-voicemail ngesikhathi ezanywa izikhawu ezehlukene.
Kumazwibela alo mdlalo igama likaMkabayi aliveli kusukela ngoMsombuluko.
“Umdlalo uzogxila kakhulu kuMpiyakhe nephoyisa uSibongile (Lerato Mvelase) njengoba ubudlelwane babo buya ngokukhula. Empeleni uMpiyakhe ufuna ukumenza unkosikazi wakhe wesithathu,” kusho umthombo.
Ngokwezibalo zeBroadcast Research Council, Isibaya, sisendaweni yesine ngesibalo sababukeli kwiDStv. Izibalo zangenyanga edlule zikhomba ukuthi sibukwa ngabantu abangu-1 194 715.
Okhulumela iMzansi Magic, u-Emmah Ngomane, uthe uThembi uhlabe ikhefu kulo mdlalo.
“Umam’Thembi usayingxenye yeSibaya. Uhlabe ikhefu ngesikhathi esahambela e-US ne-Umoja,” kusho u-Emmah.
Umoja wumdlalo weshashalazi uThembi angomunye wabasunguli bawo.