UMREPHA ongaconsi phansi uCassper Nyovest useveze ukuthi inguR7 million imali ayikweleta abantu abahlukene, ngemuva komcimbi iFill Up Moses Mabhida, ekade iseThekwini, ngempelasonto.
Engxoxweni akade enayo nesiteshi sakwaSABC uCassper uthe ukuvela kwezindaba zokuthi uthole uxhaso luka-56 million, ikhona okumdonsele amanzi ngomsele.
"Baphuma abaxhasi abaningi abase bengithembisile ngasalwa ngedwana. Abanye baphume ngosuku lomcimbi ngakho kula izikweletu zisale zaningi khona," kuchaza yena.
Uthe lo mcimbi ube yimpumelelo kuye njengoba abantu bephume ngobuningi futhi nabaqhamuka kwezinye izifundazwe beze ngobuningi eThekwini.
"Ngiyathemba ukuthi njengoba uMasipala kukhona okuzuzile ngalo mcimbi, uzoba nozwelo kimina kube khona onginika khona," kuchaza yena.
KuTwitter kube khona umlandeli wakhe ombuze ukuthi ngabe umcimbi olandelayo weFillUp uzoba kuphi.
UCassper uthe, angakujabulela ukuwusa eNorth West noma eBotswana, kodwa usafisa ukuwubuyisa eThekwini.
"Uma ngingathola uxhaso kuMasipala weTheku ngingajabula ukuthi lo mcimbi ngiphinde ngiwubuyisele eThekwini ube mkhulu kunalokhu okade uyikhona manje," kuchaza yena.
UCassper akayigcwalisanga le nkundla njengoba amathikithi engadayisanga aphela.
Ithimba lakhe lathembisa ukuthi lizodalula ukuthi kudayiswe amangaki, kwasala amangakanani.