WALIQOPHA inhliziyo ibuhlungu ibika lomdlalo wakuMzansi Magic, iLockdown, uNelisiwe Sibiya njengoba kwakusadlule izinsuku ezimbili engcwabe unina.
UNelisiwe (26) waseSikhaleni kodwa ohlala eGoli, uzakhele udumo ngengoma ethi Mama KaBafana.
“Kwakungu-2016 kudlule izinsuku ezimbili ngingcwabe umama. Inhliziyo yami yayibuhlungu futhi ngicasukile ngoba ngasebenzisa imali engangiyilondolozele ukuthenga imoto ukumngcwaba. Ngakusasa ngavuka ngaya eGoli,” kusho uNelisiwe. Uthe umdidiyeli womdlalo uMandla N wambuza ukuthi uma kungathiwa uyaboshwa, angaboshelwani.
“Ngamtshela ukuthi ngingaboshelwa ukubulala umuntu wesilisa. Baningi abantu besifazane abasemajele ngoba beboshelwe abantu besilisa ababebahlukumeza futhi babezivikela. Nami ngisakhula ngangifuna ukubulala indoda kamamncane wami eyasihlukumeza. Asikaze sibe nekhaya. yingakho ngalondoloza imali ngayokwakha umuzi eSikhaleni,” kuchaza uNelisiwe.
Uveze ukuthi wahlangana noMandla N ngemuva kokuthi emthumele umyalezo ezinkundleni zokuxhumana ebone ama-video akhe ecula.
Umculo yinto akhule ngayo futhi ayifundele ngoba babejwayele ukumculisa izingoma zikaCeline Deon noWhitney Houston. “Ngemuva kokushona kukasisi wami ngineminyaka eyisishiyagalombili sathuthela eGoli ngoba ngavele ngagula. Kwakusolwa izinto zabantu. Ngagula izinyanga eziyisishiyagalombili ngaze ngaphinda uGrade 3. Esikoleni ngaqala ukucula emngcwabeni wenye ingane esasifunda nayo. Babecula ingoma eyaculwa emngcwabeni kasisi wami beyibhimba ngase ngiyayishaya. Bathuka bonke.”
Kulo nyaka uzothweswa iziqu zeMusical Theatre azithole eTshwane University of Technology. NgoLwesihlanu ukhiphe ingoma yakhe entsha ethi Nomathemba.
Uthe abantu bayazithakasela izingoma zakhe ngenxa yokuthi ufike nomculo omusha oyingxubevange ye-Afro soul nomaskandi awubiza nge-Afroskandi.
Usematheni futhi ezinkundleni zokuxhumana nge-video abonakala kuyo eshaya ingoma yomzabalazo ethi Azania.
Uhlanganisa ne-albhamu azoyikhipha kulo nyaka. Upike uSjava futhi unethemba lokuthola uThandiswa Mazwai.
Ngaphandle kokucula ungumlingisi njengoba evela kwiLockdown. Uneqhaza emcimbini kaLindelani Mkhize i-Ignite futhi ukwiSarafina The Musical athe bazohambela phesheya nayo ngoJulayi.
Ugqugquzele abantu abasha ukuthi basebenzise izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa.
“Ngahambela inqwaba yezinhlolokhono abantu bengawuqondi umculo wami. Kungcono ukufaka ezinkundleni zokuxhumana. Ungumlingisi, ungumculi noma yini ngoba ngeke wazi ukuthi ngubani obukayo.”