UDUMELE umculi wekwaito uProfessor okhala ngokuthi kumele aze azicelele ukuqashwa emicimbini yaKwaZulu-Natal ekubeni kwezinye izifundazwe eqashwa ubuthaphuthaphu ngaphandle kwenkinga.
Uthe uma esegcina eqashiwe akakhokhelwa imali asuke eyifuna.
“Ngidumele ngokungaqashwa emicimbini ehlelwa ngabaculi enginesandla empumelelweni yabo nabahleli bemicimbi. Ngize ngizicelele ngoba ngenzela abalandeni futhi ngibize imali engingayibizi. Yikuphi okumele ngikwenze ngoba ngiyenzile ingoma iWoz’eDurban emaketha iTheku futhi ngiyasebenzisana nabaculi baseKZN kodwa emicimbini ngiyazitshwa. Sengiqala ukucasuka ngempela,” kusho uProfessor.
Ukhale ngoDJ Tira wathi usebenze naye iminyaka kodwa uma esenza imicimbi umshaya indiva.
“UTira ngisebenze naye e-studio sakhe siqala. I-Big NUZ wayithola kimina noT’zozo esamncenga ukuthi ayithathe ngoba sibona ukuthi unomqondo webhizinisi. Kuyangithusa ukuthi kumele ngimncenge ngisho noma ngabe nginengoma esishisa izikhotha. Sengizehlise kwanele, mningi imisebenzi engiyenzile kodwa ngihlale ngingekho noma ngingene ngewindi emcimbini. Kumele ngenzeni?”
UTira uthe okukhalisa kakhulu uProfessor wumcimbi Umlazi Picnic ozoba seKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo. Uthe umcimbi ngokaBoonu kodwa yena ungene ngokuthi athole abaxhasi.
“Ngasho ngathi ngeke kulunge uProfessor angabi khona. Esangweni kungenwa nge-data hhayi ngemali ngakho kumele sibhajethe kahle. Ngicele ukumnika uR20 000 wathi uzoshayeka ucela okungenani uR30 000. Ngithe ngizobuyela kuye kodwa ngizwe esefona esethi asimkhiphe.”
Uthe uzehlisile waxolisa kuProfessor.
“Ngikwenze konke okusemandleni. Ngiyamhlonipha futhi ngiyaxolisa uma kunephutha,” kusho uTira.