PHEZU kokuba kusenomdonsiswano ngefilimu engempilo yenkakha yomculo uBrenda Fassie kodwa sekuqokwe umlingisi ozodlala indawo yakhe.
USoso Rungqu ongumlingisi womdlalo, Isidingo, kuSABC3, kumenyezelwe kuleli sonto ukuthi uzodlala indawo yalesi sihlabani esesalala kobandayo.
Le filimu kubhekeke ukuthi idedelwe kuwo lo nyaka kanti ihlanganiswa yinkampani yase-United Kingdom, iShowbizsee.
USoso ozwakale esese ekhuluma emsakazweni iMetro FM ngoLwesihlanu lapho eveze khona injabulo yakhe ngokuqokwa phakathi kwenqwaba yabalingisi abebeyigaqele le ndawo.
“Kade ngaba nesifiso sokudlala indawo kaBrenda Fassie. Ngaphakathi yinto ebengihlezi ngiyisho ukuthi ‘ngelinye ilanga ngoyidlala indawo kaBrenda'. Namhlanje kuyafezeka,” kusho uSoso.
Uthe nangesikhathi esohlelweni lukaPearl Modiadie iZaziwa nyakenye ebuzwa ukuthi iyiphi indawo anesifiso sokuyilingisa, wakubeka kwacaca ukuthi ngekaBrenda.
Echaza ukuthi waze kanjani ukuthi nguyena oqokwe ukuba adlale le ndawo kaBrenda, uthe ubone ucingo lwakhe lukhala umshawushile abantu bemfonela bembongela.
Kulezi zinsuku kunomdonsiswano phakathi komculi nowayenguphrojusa kaBrenda, uChicco Twala, othe le filimu ngeke ilibone ilanga.
Ukusho lokhu nje yingoba ukhala ngokuthi nguyena owakha uBrenda kodwa manje akasanakwa.