IZINGANE ezingakaze zihlangane nabazali bazo, abazilahla zincane zizobonakala zizama ukubathola futhi zifuna ukuhlanganiswa nabo ohlelweni oluthi Abandoned.
Lolu hlelo oluzokwethulwa nguPhumeza Mdabe, luzoqala ngoLwesibili oluzayo kuMzansi Magic (161), ngo-8 ebusuku.
Ezinye zalezi zingane zakhulela emakhaya ezintandane ezinye emgwaqweni, zizothola ithuba lokubonakala zihamba noPhumeza zifuna abazali nemindeni yazo.
UPhumeza uthe ukujabulele ukuba yingxenye yalolu hlelo oluzoletha ukukhanya ezimpilweni zezingane ezidinga ukwazi ngomsuka wazo.
“Intsha esizoyisiza kakhulu eyatholwa ilahlwe emapaki, eziteshini zezitimela nezamabhasi, eyashiywa ezikhungweni ezahlukene zezintandane ezifuna ukwazi kabanzi ukuthi umsuka wazo ukuphi. Ohlelweni kuzobonakala intsha eyalahlwa omama noma obaba ngezizathu esingazazi. Sifuna ukubasiza njengoba sonke kusijabulisa ukuthi sazi ukuthi sisuka kuphi singobani. Nathi siyathemba ukuthi mkhulu umehluko esizowenza,” kuchaza uPhumeza.
Uveze ukuthi lolu hlelo luzoba neziqephu ezingu-13, wathi okuzophinde kubonakale ngabazali abaphisana ngezingane, nabo befuna ukuhlangana nazo, ukuze bazazi.
UNomsa Philiso obhekelele izinhlelo zakuleli kwaM-Net, uveze ukuthi ngolunye uhlelo olusha lolu abajabule ngalo njengoMzansi Magic.
“Uhlelo luzobathinta kakhulu abantu bakuleli ngoba kulona kuzobonakala izinto ezithinta umphefumulo kakhulu. Siyathemba ukuthi abazobonakala kulona bazokuthola konke abakudingayo. Siyabamema ababukeli bethu ukuthi bajabulele olunye uhlelo lwethu esaziyo ukuthi ngeke luze lubaphoxe,“ kusho uNomsa.
Uthe intsha ebabizile ohlelweni izobeka ababukeli esithombeni ngokuthi ibiyenzani ekukhuleni kwayo, futhi ikhulele kuphi kanjani.
Uthi uma sebemtholile umzali yilapho, eyobe esephendula yonke imibuzo ayobe eyibuzwa yingane yakhe, neyaholela ekutheni aze ayilahle.