UMLINGISI womdlalo iThe Queen, uKhanya Mkangisa uthi uzizwa ehlazekile ngemuva kokusabalala kwe-video, ebiveza eboshwa ngoba etholwe ephuze kakhulu eshayela.
NgeSonto kube negidigidi enkundleni yokuxhumana kusabalala i-video ekhombisa lo mlingisi eboshwa amaphoyisa, emtshela ukuthi azomthwesa icala ngesenzo sakhe.
Abantu bebenemibono ehlukene ngayo, abanye besola amaphoyisa ngokuqopha le ntokazi, abanye bebabaza ukudelela kwakhe umlingisi.
Ekhuluma ohlelweni lwasekuseni, iFresh Breakfast, kuMetro FM, uKhanya uthe amaphoyisa yiwona amsukele.
“Ngeke ngisho ukuthi nami ngenze kahle ngokushayela ngiphuzile njengoba kungamele sikwenze lokho.
Ngiyacebisa nabanye ukuthi bangalinge bathi ngoba umngani wami uhlala eduzane awuthi ngimhambise. Uma nje uphuzile hlala ekhaya. Kodwa kulesi sigameko esithinta igama lami ngachukuluzwa njengoba ngangingakaphumi ngisho emotweni lona wesifazane oyiphoyisa wase eqalile ekhuluma kabi nami,” kusho uKhanya.
Uthe kuningi okungaveli kule video okukhombisa ukuthi konke kwaqala kanjani.
“Mina angiyena lowa muntu obonakala kuleya video kodwa indlela abangiphatha ngayo yiyona eyenza ngakhuluma kanje nabo,” kuchaza uKhanya.
Mayelana nokuthi uzowavulela yini icala amaphoyisa, uKhanya uthe akafuni kwenza lutho ngoba ufuna kudlule konke.
“Kungiphethe kabi khona ukuthi ngibe inhlekisa usuku lonke ezinkundleni zokuxhumana kwakhulunywa ngami kodwa ngifuna ukudlula kukhona konke,” kuchaza uKhanya.