USOMAHLAYA waKwaZulu-Natal, uCeleste Ntuli, uphoxekile ngokubuya elambatha kumaSavana Comics’ Choice Awards abeseLyric Theatre, eGoli ngoMgqibelo, yize ebeqokwe kaningi.
UCeleste ubeqokwe eminxeni emine okungoweGame Changer Award, Comedy G Award, Native Tongue Award, nakwiFlying Solo Award.
Lo somahlaya ubuye eshwiba izandla njengozakwabo uSkhumba Hlophe abebeqokwe ngokulinganayo naye. USkhumba ubefakwe kwiSavanna Comic of the Year ayithatha ngonyaka odlule, Game Changer Award, Flying Solo Award noweNative Tongue Award.
“Umcimbi ubumuhle kodwa anginqobanga. Ngijabulela ukuqokwa kodwa, eyi, ngibuhlungu ngokunganqobi,” kusho uCeleste.
Uthe uyakuqonda ukuthi wumncintiswano futhi ngeke uhlale unqoba.
“Angikaze ngiwine kule miklomelo okusho ukuthi kumele ngiphinde ngilinde omunye unyaka,” kusho yena.
Uveze ukuthi useyihlehlisele unyaka ozayo imicimbi yamahlaya abezoyenza ngenxa yokuba matasa. Ubezokwenza umcimbi iSeriously Celeste eThekwini ogcine ungenzekanga.
“Bengithi ngizohlaba ikhefu kwithelevishini kodwa ngavele ngaba matasa kakhulu ngase ngihlehlisela unyaka ozayo. Ngenyanga ezayo ngizokhipha izinhlelo kahle.”
Usomahlaya waseThekwini uCarvin Goldstone unqobe imiklomelo emibili okukhona kuwo nomkhulu weComic of the Year.
Nokho lo somahlaya akakayamukeli le miklomelo ngenxa yokungenami ngayo. Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, libike ukuthi ukhala ngokuqokwa kwabanye ababengafanele ngoba imigomo iyabaphika.
Uthe ayimiswe imiklomelo kube nophenyo oluzimele.
“Kunenkampani ephethe imiklomelo futhi ephethe abantu abangenela imiklomelo.”
Uthe uma usebenzela inkampani umndeni wakho awukwazi ukungenela imincintiswano yayo.
OSOMAHLAYA abawinile kumaComedy Choice Awards.
Uhla lwabanqobile lumi kanje:
Savanna Newcomer of the Year: Tsitsi Chiumya
Chatz Connect Audience Choice Award: Abuti Lolo
Comic’s Pen: Kagiso Lediga
Next Level: Phil de Lange
Flying Solo: Carvin Goldstone
Lifetime Achiever: Pieter-Dirk Uys
Game Changer: Loyiso Gola
Best Friend of Comedy: Gino Fernandez
Native Tongue: Siya Seya
Comedy G: David Kau
Savanna Pan-African Comic of the Year: Basketmouth (Nigeria)
Savanna Comic of the Year: Carvin Goldstone