UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni esiteshini somphakathi saseThekwini, iHighway 101.5 FM, uPhindile ‘Phindi P’ Phewa, uthi ukuqashwa njengomethuli wohlelo olusha lwethelevishini olusakazwa kuMoja Love kuthuke ucilo ezishaya endukwini.
UPhindi P (35), obuye abe yisihlabani somculo wokholo onendondo yamaSABC Crown Gospel Awards, uqale ngeSonto eledlule ukwethula uhlelo olubizwa ngeGospel ID ngo-5.30 ntambama. “Ngijabule kakhulu. Ngicabanga ukuthi bekuyisifiso sokugcina ebengifuna ukusifeza.
Kusheshile impela njengoba umuntu esadinga ukwazi kabanzi ngale ndima yezokusakaza,” kusho uPhindi P waseZinqoleni, eSouth Coast.
IGospel ID wumqhudelwano wabaculi bokholo baseThekwini abasafufusa futhi owasungulwa yisihlabani salo mculo, uThinah Zungu kodwa ohlulelwa nguThulani Ga Ndlela noDJ Happy Gal. Kuvezwa amazwibela akho konke okwakwenzeka emqhudelwaneni wangonyaka owedlule.
UPhindi P usakaza kwiHighway Radio uhlelo olubizwa ngokuthi iGet Up and Go Show phakathi kuka-6 no-9 ekuseni.
Nyakenye lo msakazi uhlabane kumaSABC Crown Gospel Awards kumunxa weBest Contemporary Gospel Song, ayeqhathwe kuwo nezihlabani okubalwa kuzo uNeyi Zimu weSpirits of Praise neTshwane Gospel Choir kodwa umhlanganiso wadliwa nguye ngenoni aziqambela lona elithi Raising Jesus Flag.
Lo msakazi uthe wathuka ngempela ezwa kumenyezelwa yena njengomculi owinile ngenxa yokusaba amagalelo namava abaculi ayeqhathwe nabo.
Kulo nyaka uhlela ukuqopha bukhoma phambi kwabalandeli bakhe i-albhamu entsha ePlayhouse Opera Theatre eThekwini ngoJuni.
UPhindi P, osehlala eMlaza futhi okhonza ebandleni elixube izinhlanga laseMhlanga iStreams Bible Church,
nasekusakazeni uvelele njengoba eseke waqokwa amahlandla amabili kumaCrown emnxeni weBest Community Radio Gospel Show ngo-2015 no-2016 yize akhala ngaphansi.
Usenamava emculweni njengoba eseke waphelezela ngephimbo izihlabani zokholo zakuleli okungoSifiso Ncwane, Mthunzi Namba, Dumi Mkokstad noThinah Zungu.
Akasaziwa kuleli kuphela kodwa usebuya nase-USA, ehambisana nabaculi abethula uhlelo oluthi Destiny kwi-One Gospel TV, uXolani Mdlalose noMahalia Buchanan futhi wabuye washiyelana inkundla nesihlabani sase-USA uVishawn Mitchell.
Ekulingiseni useke wadlala izindawo eziqavile emidlalweni ekhonjiswa kuMzansi Magic okubalwa kuyo othi Isitulo, Imbali nothi Owami Nami.