Umsakazi woKhozi FM uPhindi P othi usekubheke ngabomvu ukuhlangana nabalandeli bakhe uma eseqopha i-albhamu yakhe entsha ePlayhouse ekupheleni kwalenyanga
Image: Sithunyelwe
UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindi P, uthi usekulungele ukuthatha abalandeli bakhe ohambweni lweminyaka esendimeni yomculo.
Ukusho lokhu njengoba elungiselela ukuqopha bukhoma i-albhamu yakhe entsha, ethi Grace Notes.
Lo msakazi owenza uhlelo phakathi kwezinsuku ekuseni oluthi Ulibo Lokuqala noluthi Eshilo olwalwethulwa uZanele Mbokazi, asanda kuluthatha kuThembeka Zondo-Cele, uzoqopha le albhamu ngoMeyi 30, ePlayhouse, eThekwini.
Ekhuluma ngalo mcimbi uPhindi P, uveze ukuthi le albhamu izovula ikhasi elisha emkhakheni womculo.
“Kuzobe kuwumcimbi abantu abangeke baze bawukhohlwe kalula lona. Uzobe ugcwele indumiso nezinye izindaba engizozixoxela abantu ngohambo lwami kulo mhlaba. Uzophinde ukhombise isigqi esisha emculweni engisikhethile kanjalo uveze uhlangothi lwami njengowesifazane ophethe kokubili, ukuba yiciko kanjalo nokuba umuntu okholwayo,” kuchaza yena.
Ngalolu suku uthe uzocula izingoma ezingakaze zizwakale ngaphambilini, ezizoqala ukuzwiwa ilaba abayobe bekhona.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngeke ngijabulise abalandeli bami ngedwa ngalolu suku, uSbu Noah, Putuma Tiso, noDavid Dee bayobe behamba nami ngalolu suku, bazojabulisa abathandi bomculo wokholo. Le-Abhamu isondele kakhulu enhliziyweni yami futhi ingithintile ngesikhathi ngiyenza. Kuyona kukhona izingoma ezisuka enhliziyweni wami, okuyimithandazo engiyiphendule izingoma, kukhona nezinye ezikhuluma ngezinto engidlule kuzo empilweni, sengikubheke ngabomvu ukuthi ngiyethule kuwona wonke umuntu oyobe enathi ngaloba busuku,” kuchaza yena.
Amathikithi alo mcimbi uthe ayatholakala eWebtickets, Pick n Pay kusuka kuR350 noR400.
Kwenzeka lokhu nje uPhindi P, usanda kuhlonishwa ngezindondo ezahlukene emazweni ase-Afrika kanjalo naphesheya kwezilwandle.
Related Topics: