UMAKADEBONA womlingisi wodumo lukaCosmo Diale kwiGenerations: The Legacy, uRonnie Nyakale usehlabe wahlikiza imibono eyizinsolo zabantu zokuthi ukubhimba kwezinto empilweni yakhe kumngenise ebhizinisini lezimoto ezithutha abantu ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
Lokhu kuze emva kokusabalala kwezithombe ezinamekwe ezinkundleni zokuxhumana ngelinye lamakhasimende akhe aku-Bolt, lishuthe naye besemotweni, lijabulela ukugibela imoto eshayelwa wuyena. Abanye abantu babone lokhu kuwuphawu lokuswela imali, nendlela azama ngayo ukuhlanganisa impilo.
Exoxa neSolezwe ngalokho, uRonnie uthe okushiwo ngabantu kukhombisa ukuthi abanalwazi kangakanani ngendlela aphila impilo yakhe ngayo, athi azimkhathazi nhlobo izinsolo zabo.
“Ngezwa nabanye besho amampunge okuthi ngaxoshwa kwiGenerations ngenkathi ngigcina ukubonakala kuyona ngo-Agasti, nakhu manje futhi uma sengibonakala ngenza umsebenzi esengineminyaka emine ngawuqala, sekuthiwa ngiyahlupheka.
“KwiGenerations ngazicelela mina ikhefu lokuthi bangidedele ngiphumule ngoba kwase kuyisikhathi eside ngenza umsebenzi owodwa, engabona sekufanele ngishintshe umoya, ngiqhubeke nempilo ngenye indlela ehlukile kunengikujwayele,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ngokwazi ukuthi umkhakha wokulingisa awuhlale umnandi, ngo-2019 wangena ebhizinisini lezokuthutha i-in drive, okuthe ngo-2020 waqhubekela kuBolt, enzela ukuzenzela imali ezomsiza kwezinye izinto, aqhube impilo uma engasasebenzi.
“Manje abantu babona ngoba sekuvela manje, bazitshela ukuthi yinto engiyiqale ngoba ngihlupheka kanti akunjalo, kade ngaqala ukwenza lo msebenzi eceleni ukusiza ukuba nemali yokuqhuba impilo, ukuze ngingakhali ngenhlupheko njengoba sihlale sibona kwenzeka kwabanye ozakwethu uma sekubheda,” usho kanje.
Lo mlingisi, ohlale iminyaka eyishumi kwiGenerations: The Legacy, uthe nakuba engakujahile kangako kodwa ukulungele ukubuyela ekulingiseni uma kwenzeka kuvela elinye ithuba.
URonnie (51) udabuka eSoweto. Useneminyaka engaphezu kwa-20 eyibambile kwezokulingisa, kanti uselingise emidlalweni esingabala kuyona iJerusalema, A Place Called Home, Avenged, Machine Gun Preacher neYizo Yizo, agqama kuyona ngo-1999.