UKHIHLE esikaNandi bukhoma emoyeni umsakazi weRadio 2000, uPhat Joe ekuseni ebalisa ngosizi olubhekene nomakadebona kwezemidlalo, uRobert Marawa oxoshwe yiSuperSport ngomqhafazo kuleli sonto.
UPhat Joe wethuse abalaleli balo msakazo evele ekhala mi, ethi ubazi kahle ubuhlungu uMarawa abuzwayo njengoba evele wamiswa emsebenzini engazelele.
“Ngizwa ubuhlungu ... ngiyazi kahle le nto abhekene nayo. Kubuhlungu ukufela into engekho ...,” kusho uPhat Joe enqamukelana yisililo.
Ukhala nje, uMarawa ubekade ebhale kwiTwitter ukuthi uxoshwe yiSuperSport engasakwazanga nokuvalelisa kubabukeli.
Ubhale ukuthi uthunyelelwe umqhafazo sekusele amahora amabili angene emoyeni, etshelwa ukuthi angabe esazihlupha ngokuzosakaza ohlelweni lwakhe iThursday Night Live with Robert Marawa obelungena sekugamanxe ihora lesishiyagalombili ebusuku.
UMarawa kuTwitter uthe: “Ngelinye ilanga iqiniso liyovela". Uthe ngeke azidalule izizathu eziholele ekuxoshweni kwakhe.
Lo msakazi oshayela uhlelo iPhat Joe and Family, ube esevulela izingcingo ukuthi abalaleli baphawule noma baqagule ukuthi ngabe kwenzekeni kuMarawa.
“Bazombulala uMarawa ... ngiyakutshela bazombulala. UMarawa ufela ukuthi uyakhuluma futhi ubuza imibuzo.
“Kunabantu ebholeni abangathintwa, abayizigebengu ezibole phuhlu kodwa abacashe ngezikhundla eziphezulu futhi badudwa nawukuhlonishwa abakutholayo.
“Siyaziwa isikhulu ebholeni okuthi uma uke wasithinta, kube usuzithele...,” kusho omunye umlaleli ocele ukungadalulwa emoyeni.
Lo msakazi ubuye waxolisa ngokukhihla isililo emoyeni, wathi wukuthi usuke wavukwa wumunyu wokwazi ukuthi kusuke kwenzekani kumuntu uma ebhekene nenkinga efuze ekaMarawa.