Ezokungcebeleka

UPenny Ntuli ukhuza amabhinca ngeyesibhamu uma igejene

Charles Khuzwayo|Published

U-PENNY Ntuli nosomatekisi abezwana naye, uSbu "Jobe" Sithole, obulawe ngokudutshulwa eGoli

Image: FACEBOOK

UMSAKAZI weJozi FM, uPenny Ntuli, uhlengezele izinyembezi ebalisa ngokubulawa kukasomatekisi obengamathe nolimu naye futhi edumisa ukuthi uyisoka lakhe kwiTikTok.

Isolezwe lithole ukuthi uSbu "Ndayi" Sithole, obekhangisa ngezingoma zikamaskandi kwiTikTok, udutshulwe wabulawa eGoli, kuleli sonto.

UPenny uthe ubuhlungu kakhulu ngoJobe ngoba umthande izwe libuka futhi engenamahloni ngalokho.

"Omunye umuntu ufika kuwe njengomlandeli kodwa nigcine senizwana ngempela," kusho uPenny owenza uhlelo lwaphakathi kuka-9 no-12 emini kwiJozi FM, futhi owazakhela udumo esasakaza kwiGagasi FM eThekwini.

Uthe uJobe uliphakamisile igama lakhe emphakathini.

"Mhlawumbe omunye umuntu angabona ukuthi uPenny umnakile ekubeni ebewumlandeli. Loya muntu uliphakamisile igama lami ngoba kukhona abantu ebebengangazi erenki, lapho abesebenzela khona kodwa ngoba ubelokhu ebelesele ngoPenny Ntuli wakhe, kukhona abantu abagcine sebengazi ngaye."

Uthe uyazi ukuthi kukhona abazothi uJobe ubewumlandeli njengabanye kodwa kuye ubesengaphezu kwalokho.

"Uma nginganilalelisa amanye ama-voice note akhe, uzothola ukuthi ubengaseseyena umlandeli kuphela. Umuntu obehlala efona nanoma yinini. Ubeserenka ngaserenki yami...Yoo bafowethu! Ngeke nginiqambele amanga, kubuhlungu bafowethu."

Uthe uzwe ngokudlula kukaJobe ezinkundleni zokuxhumana, wabe esefonela umfowabo okunguye oqinisekise lezi zindaba.

Uthe kuyaqala kuye ukulahlekelwa wumuntu obengumlandeli wakhe.

"Ngiyaqala ukuvuka nginezigobhe ngenxa yokuthi bengikhala ubusuku bonke."

Uthe umufi ubulawe besazibonana esebuya kubo kanti usezohamba emhlabeni. 

UPenny ube esenxusa amabhinca ukuba ayeke umkhuba wokutshengisana ubunsizwa ngesibhamu ngoba "nisiqedela obhuti bethu. Umuntu uma ekonile, awuzame njengensizwa ukuba usondele kuye. Ukhulume naye. Le yesibhamu, hhayi. Uma ninganakile, singamantombazane ngeke sisaba nobhuti esithembela kubo ngoba yinina esithembele kinina. Uma niqedana nodwa kanje..." ehluleka nawukukhuluma uPenny. 

Uthe izingane zabo ngeke zisaba nomalume uma izinsizwa ziqedana zodwa ngesibhamu.

"Njengoba singamantombazane sizele izingane, obaba bezingane zethu babuye bangabe besabakhona empilweni yezingane yethu. Izingane zethu ama-father figure ziwathola kobhuti."

Uthe ngokwazi kwakhe izinsizwa zibuye zigejane kodwa zihlale phansi kukhumelwane umlotha, wathi lokhu kubhuqabhuqana kwezinsizwa ngesibhamu kuzophendula omama abafelokazi futhi kushiye ezinye izingoduso zingenamadoda.

 "Le nto yokuthi umuntu abulaliswe okwenja. Eish bafowethu! Ngiyanicela bobhuti, uma kukhona lapho nigejane khona, ake nihlale phansi niyikhulume into. Le yokulungisa izinto ngesibhamu. Khumbula ukuthi uma kushone umuntu emndenini, kusuke kungashonile yena kodwa baningi osuke ubalimazile. Usuke uphathe kabi umndeni wonke."