INTOKAZI yaKwaNdengezi, eThekwini, uPearl Thusi isinxuse bonke abesifazane emhlabeni ukuthi babuke ifilimu elingisa kuyo indawo ephambili ethi Queen Sono eqoshwe kuleli ezokhonjiswa kuNetflix ekuqaleni konyaka ozayo.
UPearl uzobonakala elingisa indawo kaQueen Sono okungowesifazane oqeqeshelwe kakhulu ukusebenza njengempimpi ophikweni lweSouth African Agency ukuze asize abantu baseMzansi Afrika baphile impilo ekhululekile.
Ekhuluma ngayo kwi-video ayiqophe kuTwitter, uPearl uthe kumfikisela izinyembezi ukuxoxa ngale filimu.
“Ziyangijabulisa lezi zindaba njengoba ngikholwa wukuthi zizoshintsha okuningi endimeni yokulingisa nakubalingisi ikakhulukazi base-Afrika. Lena yifilimu yokuqala yase-Afrika ukukhonjiswa kulesi siteshi nokuyinto esho lukhulu kimina,” kuchaza uPearl.
Uthe abantu asebenze nabo kule filimu bonke basebenze kanzima ukuze ihlangane ibe lapho ikhona manje.
“Siyabonga kuNetflix ngokuthi ungayishalazeli uma ifika kodwa wayithatha ngezandla zombili. Wonke umuntu wesifazane ngifuna abuke uQueen Sono njengoba kukhona azokufunda kuye,” kuchaza yena.
I-IOL Entertainment, enguzakwabo wephephandaba Isolezwe, ikhulume nezinjini ezihlanganise le filimu okukhona kuzo usomahlaya owake wasebenza noPearl efilimini ethi Catching Feelings, uKagiso Lediga.
Le filimu iqondiswe nguKagiso Lediga, uphrojusa wayo uTamsin Andersson.