INTOKAZI yaseNingizimu Afrika, uPearl Thusi, izokhuluma ngezinto ezahlukene nosaziwayo bakuleli abake baba sematheni ngonyaka odlule ohlelweni iBehind The Story oluzoqala, ngoMeyi 30, kuMTV Base (322), ngo-9.30 ebusuku.
Ohlelweni osaziwayo bakhuluma ngezinto ezinzima nezibaphathe kahle emikhakheni abakuyo.
Insizwa yakuleli engumculi nesanda kuphuma ejele ngecala lokubulala, uMolemo “Jub Jub” Maarohanye, izoba ngomunye wosaziwayo abazobonakala kulolu hlelo.
UJub Jub kuzobe kungekhona okokuqala ekhuluma ngobunzima abhekane nabo njengoba nakwezinye izinhlelo esekhulume kakhulu ngokuhlala kwakhe ejele.
Omunye wosaziwayo abazobonakala ohlelweni, yintokazi esizakhele igama futhi yahambela ngisho amazwe aphesheya uZodwa Wabantu ngokudansa.
UZodwa uzokhuluma ngezinselelo abhekane nazo endimeni yobumnandi njengoba abanye behlala bemgxeka ngokungayigqoki impahla yangaphansi.
Kuzophinde kubonakale uDJ Zinhle, izinto ezimhambele kahle kulo nyaka ngesikhathi ethula uhlelo lwakhe obelusiza intsha yangakubo eDannhauser obeluthi It Takes a Village.
Le ntokazi eyenza kahle kakhulu nasemabhizinisini ike yaba undabamlonyeni ihlukana noyise wengane yayo ongumrepha * -AKA.
USomizi Mhlongo ngeke asale naye njengoba kulo nyaka kuvele izindaba zokuthi usothandweni oluvutha amalangabi futhi uzoshada maduze.
Esikhangisweni salolu hlelo kuzovela ekhuluma ngobudlelwane bakhe noBonang Matheba obaphela kungazelele muntu.
Abanye osaziwayo abazobonakala kulolu hlelo kukhona nomrepha osemncane * -A-Reece, owashiya isigubhukane enkampanini aqopha kuyo i-Ambitious Entertainment.