UMCULI we-hip hop, uCassper Nyovest useyihlabe wayihlikiza indaba yokuthi uthole uR56 million kuMasipala weTheku yokuxhasa umcimbi wakhe i-#Fill Up Moses Mabhida stadium.
Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba eMabhida izolo. Uthe umasipala ubaxhasile kodwa akuyona le mali eshiwoyo. “Ngifuna icace le yokuthi ngithole imali engaka. Ngiyacabanga ukuthi kwawona umasipala awunayo imali engaka yokunika umuntu oyedwa.”
Umthombo weSolezwe kumasipala ukuqinisekisile okushiwo uCassper. Uthe akukaze kuthiwe uzothola uR56 million kodwa bamthembisa uR40 million. Nakusona lesi samba sasingeke size kuye sonke, kwakuzomele abe nezinhlelo zobuciko namasiko. Uphinde waveza ukuthi uCassper wayezifunela inkundla nje kuphela, efuna ukuyisebenzisa ngoDisemba 8, kodwa ngokuthi kumele uMkhandlu weTheku uthule izinhlelo zawo ngoDisemba 1, wabe esecelwa uCassper ukuthi nomcimbi wakhe awenze ngalolu suku, kube sekuba noxhaso aluthola kumasipala.
UCassper uthe ngalo mcimbi konke sekumi ngomumo futhi kusezihlelweni zeminyaka ukuthi enze imicimbi ehlukene ukujabulisa abalandeli bakhe. Ukuvezile ukuthi uvalo into ehlale ikhona uma wenza umcimbi omkhulu. “Uba nemibuzo yokuthi engabe amathikithi bazowathenga yini abantu, kodwa uJehova ukhona siyathemba konke kuzohamba ngendlela. NgoMgqibelo eMabhida siyobe senza inhlolokhono yabazosebenza ezindaweni ezehlukene, abafike abafuna ukuzama. Sizobakhokhela ngesikhathi, bangesabi.”
Uphinde waveza ukuthi ubengeke eze KwaZulu-Natal bese engabafaki abaculi bakhona. Uthe kulo mcimbi uzojabulisa abantu ngengoma ayenze noShwi noMtekhala. Ukhuluma kanjena nje uCassper kunomcimbi ommise kabi weGagasi FM ozoba ngosuku olulodwa eBay of Plenty ebude buduze neMabhida, nawo lo mcimbi walo msakazo unohlu lwabaculi abanohlonze okukhona kubo u-AKA nabanye.
UMnuz Phillip Sithole, oyisikhulu kuMasipala weTheku, uthe akukho abasakukhiphile okwamanje kodwa kuzoba nomhlangano namhlanje la bezothatha isinqumo sokuthi yini abazoyikhipha njengomasipala.
“Ngicabanga ukuthi njengoba esethi kukhona esizokukhipha yingoba uyazi ukuthi kukhona esesishilo ukuthi somnika khona,” kusho uSithole.