ISILOMO somculo kamaskandi, uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, sithe abantu kumele basheshe bathole amathikithi omcimbi waso wokugcwalisa inkundla iMoses Mabhida Stadium, ngoMashi 30, ngoba awekho azobe edayisa esangweni.
UKhuzani ubekhuluma naleli phephandaba izolo emini ngemuva kokuqala ukudayisa amathikithi eComputicket. Amathikithi aqala kuR100, awe-golden circle abe nguR250.
“Ashibhe kakhulu ngakho abantu kumele bawathole ngoba azogcina ephelile. Awekho azobe edayisa esangweni yingakho siqale ukudawayisa kuseyimanje. Uzothola ukuthi ufuna elikaR150 kanti alisekho, kungcono usheshe ulithole. OShoprite bagcwele yonke indawo,” kusho uKhuzani.
Uqhube wathi okwamanje awakaqali ukudayisa awezicukuthwane kuze kube baphothula izingxoxo nabengamele inkundla iMoses Mabhida. “Mhlawume kuzophela isonto nawo ebe eseqala ukutholakala ama-suits. Abantu bangakhathazeki nawo ayeza.”
Uthe ngemuva kwalezi zingxoxo bazobe sebazi ukuthi mangaki esewonke amathikithi abazowadayisa.
Uveze ukuthi konke okuzobe kwenzeka kulo mcimbi kuzobe kuqoshwa ukuze abantu bezokwazi ukuthola amaDVD.
“Ngiyafisa abantu bangasali kule nto. Ayikho ngoKhuzani yize kuyimi oshaye ikhwela. Sihlola amandla kamasikandi lapha ukuthi yingabe ususesigabeni yini sokuncintisana nezinye izinhlobo zomculo njengo-hip hop njengoba sibonile uCassper nomcimbi wakhe. Ukuphumelela komcimbi kuzokwenziwa ngabantu ngokuthenga amathikithi futhi uma sihluleka, kuyobe kuhluleka umaskandi wonke. Kodwa nginethemba, sizoyigcwalisa,” kusho yena.
Uthe baningi abaculi asebeqinisekise ukuthi bazomeseka okubalwa kubo Amageza Amahle, Qhoshangokwenzakwakhe, DSD nabanye.