IMBONGI engumculi uNtsiki Mazwai iveze ukuthi isizoqala ukubonakala kwithelevishini igqoke izimpahla ezizoveza umkhaba wayo.
Ekhuluma neSolezwe, uNtsiki osanda kuthola umsebenzi kwithelevishini wokuba ngumethuli wohlelo lweMoja Love (DStv channel 157) iShow Me Love, uthe usekhathele ngabantu besifazane belokhu bezinyeza ngemikhaba yabo.
Uhlelo luzoqala ngoJuni 3, ngo-7 ebusuku, uzolwethula ngokubambisana nezintokazi ezintathu uNontobeko Sibisi, KG Moeketsi noDr Tlaleng.
“Ngifuna ukuthi umkhaba ube sematheni. Ohlelweni ngizoqala ngigqoke izingubo eziveza umkhaba, ukuze abantu bakhululeke ngemikhaba yabo. Bayeke ukulokhu bezimpintsha ngezinto bezama ukuyifihla. Bazoqala bakhulume kodwa abanye bazobona nabo baqale benze njengoba kwenzeka nangezinwele zesintu,” kusho uNtsiki.
Uthe umsebenzi wakhe wokuqala lo njengoba ubehlezi ekubeka kucace ukuthi akasoze asebenzela umlungu.
IMoja Love uthe uyijoyine ngoba kuyinkampani ephethwe ngabantu abamnyama.
“Bengiziphilisa ngomsebenzi wami wobuhlalu nowobumbongi. Angikaze ngisebenze empilweni yami. Ngaqeda isikole ngangawufuna umsebenzi kodwa ngafuna izindlela zokuthi ngizisebenze. Ngisanda kuthola iMasters ngoba ngifuna into engizokwazi ukuwela kuyo uma sengikhathele umkhakha wezokungcebeleka,” kusho uNtsiki.
Ephawula ngokufaka kwakhe iziphaqulo ohlelweni uthe uphoqelekile ukuzifaka, ukube kuya ngaye ngabe akazifaki nhlobo.
Uthe ucasulwa ukuthi abantu besifazane bagcina sebengasakwazi ukuphila ngaphandle kweziphaqulo.
Kulolu hlelo uthe abantu abalindele ukubona ubuyena, usazoqhubeka nokukhuluma ngaphandle kokwesaba ukuthi abantu bazothini.
Kwabamthukayo nabamzondayo uthe bayoze bamjwayele ngoba akazimisele ngokutshintsha ubuyena.