Ezokungcebeleka

UNtando uphika eyokuba yilungu lokuqina le-EFF

S'MANGELE ZUMA|Published

UCACISA ngezinsolo zokuba yilungu le-EFF usaziwayo uNtando Duma, wodumo lwengoma iJaiva Phezu Kombhede. Lokhu kulandela ukuthi efake izithombe zakhe ku-Instagram egqoke iduku le-EFF.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uNtando uthe abantu abehlise umoya akalona ilungu le-EFF njengoba iningi labo bese lizitshela ukuthi ngokugqoka kwakhe leli duku ubesephumela obala ngokuba yilungu layo.

Uthe akasilo iqabane yena, alikho iqembu lepolitiki angaphumela obala athi uyaleseka.

“Akukho qembu engililandelayo. Angihlangani nepolitiki. Angikaze ngivote kodwa kulolu khetho oluzayo ngizohamba ngiyobhalisela ukuvota.

“Ngizovota okokuqala kulo nyaka kodwa lokho akuchazi ukuthi ngizovotela i-EFF ngoba ngibonakale ngifake iduku layo,” kusho uNtando.

Uqhube wathi ubengazi ukuthi ukufaka isithombe sakhe efake leli duku kuzosusa umsindo.

“Bengizihlalele endlini ngahlangana naleli duku le-EFF. Ngaligqoka ngoba ngibona lingifanela. Lesi sithombe ngisishuthe ngiphethwe yikhanda ngenxa yokuthi ngilukile. Bengibuza abantu ukuthi kulalwa kanjani nomluko ngoba mina bengihluleka,” kusho uNtando.

Uthe kunabantu abavele bahluleka ukufihla intukuthelo yabo ngesikhathi bebona lesi sithombe.

“Kukhona abanye abavele baphendula bathi inkinga yileli duku le-EFF engiligqokile.

USAZIWAYO kwezomculo uNtando Duma ucacisa ngokusabalala kwezinsolo zokuba yilungu le-EFF ngemuva kokusabalala kwezithombe zakhe efake iduku le-EFF

“Bathi ngabe kungcono ukuthi ngifake ele-ANC. Kukhona abebengifonela, abanye bengithumelela imiyalezo befuna ngicacise ngalesi sithombe,” kusho uNtando.

Ebuzwa ukuthi akanalo yini uvalo lokuthi ukusabalala kwalezi zithombe zakhe kungamdalela amazinyo abushelelezi kosopolitiki bamanye amaqembu, uthe akanalo noluncane ngoba alukho olubi alwenzile.

Uthe akasoze enza into engaphazamisa noma ifake umsebenzi wakhe engcupheni.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-EFF mayelana nokuthi uyilungu layo yini uNtando ayiphumelelanga.

Phezu kokuba oyikhulumelayo uDkt Mbuyiseni Ndlozi noNobhala jikelele wayo, uMnuz Godrich Gardee, befoneliwe bathunyelelwa nemiyalezo ngalolu daba, ayibuyanga impendulo.