UBHOKA uyakhahlela uNtando Duma ngezinsolo ezisanda kuvela kuTwitter zokuthi uya ocansini nomculi weBig NUZ uDanger aphinde adle izidakamizwa.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uNtando wodumo lwengoma iJiva Phezu Kombhede ayicula noBabes Wodumo, uthe lo osabalalise la manga ngaye uzowukhomba umuzi onotshwala.
UNtando ongumlingisi, umethuli wezinhlelo aphinde abe ngumsakazi kwiTouch HD uthe, lo oziqambe ngoMinenhle Parker kuTwitter usetholile ukuthi akasiye umuntu wesifazane kodwa isitabane thizeni saseGoli.
Uveze ukuthi usemthathele izinyathelo zomthetho ukuze ajeze ngokudicilela phansi isithunzi sakhe.
“Alikho iqiniso kulokhu akubhale ngami. Ukusola umuntu ngokudla izidakamizwa into enkulu kabi. Angizidli izidakamizwa futhi angibuphuzi ngisho utshwala. Ukuthi athi ngilala nomuntu engingalali naye, ucekela phansi igama lami, futhi wehlisa nesithunzi sami,” kusho uNtando.
Uthe yize abalandeli bakhe nozakwabo bebemnxusa ukuthi ehlise umoya akhohlwe yilo muntu kodwa ngeke amyeke.
“Inkinga ukuthi ngihlezi ngibayeka abantu bakhulume into abayithandayo ngami. Lokhu kukhulu ngoba kungaphazamisa umsebenzi wami,” kusho uNtando.
NgoLwesihlanu uMinenhle Parker ubhale ekhasini lakhe kuTwitter ebuza ukuthi umthathela kanjani umuntu ongamazi izinyathelo zomthetho.
Kepha uNtando uthe uyazikhohlisa uma ecabanga ukuthi akaziwa ngoba sebetholile ukuthi ungubani.
“Sesitholile ukuthi ubani, akasiye umuntu wesifazane, esinye nje isitabane saseGoli. Ngesikhathi eqala ukungena kuTwitter waqala wazibiza ngegama lakhe wathi esebona esenabalandeli abaningi washintsha wazibiza ngoMinenhle Parker,” kusho uNtando. Imizamo yokuthola uMinenhle iphunzile.