UNQOTSHWE wumculi waseMpangeni umncintiswano wakuMzansi Magic obekungokokuqala ukhona nonyaka iVodacom NXT LVL.
UZethembiso Perfect Mdletshe (24) odume ngelikaZethe unqobe ngoLwesithathu esiqeshini ebesitshe-ngiswa bukhona kuMzansi Magic.
UZethe ubukela eqenjini eligubha iminyaka engu-20 lasungulwa, iMafikizolo kanjalo noSimphiwe Dana.
Ngokunqoba kwakhe uhlomule ngomklomelo ofinyelela kuR1 million.
Abanye osaziwayo abebeqeqesha abaculi abasafufusa nguRiky Rick, Danny K, DJ Zinhle, neBig NUZ.
Ngemuva kokunqoba kwakhe uMasipala waseMhlathuze lapho edabuke khona umhalalisele ngempumelelo yakhe.
U-Euphonik uthe akekho obelindele ukuthi uZethe uzowina.
“Ngiyajabula ukuthi abantu bakwazile ukubona ithalente langempela,” kusho u-Euphonik.
Uthe ubenethemba lokuthi uzonqoba kodwa ubengazitsheli ukuthi kuzokwenzeka.