UGUBHE usuku lwakhe lokuzalwa nabangani nomndeni umculi waseThekwini obevutha engabaselwe ngoDisemba ngonyaka odlule, uTipcee.
UThobeka “Tipcee” Ndaba waseMlaza ubenomcimbi eVivo eMhlanga ngoMgqibelo ebusuku. Ngonyaka odlule ubeshisa izikhotha ngezingoma abepikwe kuzo okuyiMadness yeDistruction Boyz, Amadada kaDJ Gukwa, Malume kaDJ Tira neyakhe ethi Iscathulo apike kuyo uTira, Distruction Boyz noBusiswa.
UTipcee unqabile ukusho ukuthi ubegubha iminyaka emingaki futhi nekhekhe belingabhaliwe njengoba kuye kwenzeke kwamanye amaphathi. Kodwa ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba ngasekuqaleni konyaka odlule wathi uneminyaka engu-29 okusho ukuthi ubehlanganisa u-30.
Izimenywa ebezisemcimbini bezilinganiselwa ku-50. Kwabebekhona kubalwa umndeni kaTipcee obuholwa ngunina uMpho Ndaba, umphathi we-Afrotainment uDJ Tira, abadansi bakaTipcee Amadada, DJ Sox, DJ Websta, Khaya “GC” Dladla woZalo, DJ Kotin, DJ Bongz, umnikazi waseYadini Lounge uMjey Zama, Prince Bulo, DJ Rocksilver, Dladla Mshunqisi nabanye.
UDJ Tira ubonge ukusebenzisana okuhle phakathi kwakhe noTipcee wathi lukhulu luyeza njengoba unyaka uqala. UTipcee ubonge ukwesekwa wathi useqalile ukupheka umculo omusha estudiyo.