NGASEKUPHELENI konyaka owedlule abadidiyeli boZalo kuSABC1, bamemezele ukuthi kunabalingisi abahambayo kulo mdlalo.
Labo kwakunguNocxy Mabika owayedlala indawo kaThobile, Glen Gabela owayenguMfundisi uMdletshe noNay Maps owayelingisa indawo kaMxolisi.
Abagcinanga lapho kodwa baveza nabazofika kanjalo nezindawo zabo ezizodlondlobala uma sekuqala isizini entsha yesihlanu eqale ngenyanga eyedlule.
Omunye wabalingisi indawo yakhe ekhulisiwe nguNoxolo Mathula olingisa indawo kaLilly.
Lo mlingisi (25) wayevela nje kwazise wayebizwa uma kunesidingo.
“Kade kwasa ngithandazela ithuba elifana naleli. Namanje angikakholwa,” kusho uNoxolo.
UNoxolo, odabuka eMbongolwane kodwa wakhulela KwaMashu, uchaze indawo ayidlalayo njengeyowesifazane othanda izinto.
“ULilly yintombazane yaKwaMashu engakhulanga kahle. Uyihlongandlebe elithanda izinto, impilo esheshayo nemali. Uthanda amadoda enjalo nje.”
Uthe yena noLilly into abafana ngayo wukuthi bobabili baphaphile.
“Wenza konke ukuthola into ayifunayo futhi nami nginjalo.”
Ngaphandle kwalo mdlalo, le ntokazi ekhonze ukuchitha isikhathi nomndeni nabangani, iphinde ilingise kuMzansi Magic kwi-eHostela. Idlala indawo kaFikephethe oyintombi kaJama (Wiseman Mncube).
“Ucishe afane kancane noLilly. Ukhulele emakhaya kodwa wase ezohlala ehostela. Uzitshela ukuthi uyazi. Uthanda indoda eyingozi, yingakho ejabula uma uJama emdlalisa ngommese. Noma emthuka uyachazeka.”
Uthe ukuze abe lapho ekhona akubanga lula ngoba imali yokufunda yayingekho kubo lapho ekhuliswe khona womamncane nomalume. Ukhuliswa womalume nje, yingoba umndeni wakhe mkhulu futhi usondelene kwazise umkhulu wakhe wayethathe isithembu.
“Kumama sibabili. Yena nobaba abashadile. Kubomama bazalwa baba ngamantombazane ayisithupha, manje ngazi ukuthi wonke umuntu umama futhi omalume yibo abathatha indawo kababa empilweni yami.”
UNoxolo uthe ngemuva kokuqeda * -matric ngo-2011, kwakumele achazele omalume ukuthi ufuna ukulingisa. Uthe imali yayingavumi kahle yokufunda wabe esedlala imidlalo yeshashalazi neqembu Ubuntu Besizwe Production.
“Sasisina, sicula futhi sidansa. Sasidlala ePlayhouse sihamba naseGrahamstown (Makhanda). Ngamema umalume ukuthi azongibuka nokuyilapho abona ukuthi ngiyakuthanda ngempela ukulingisa. Wathi angifunde uzongikhokhela.”
Uthe ngo-2013 yilapho efunde khona ukulingisa eSouth African School of Motion Picture Medium and Live Performance edume nge-Afda waqeda ngo-2015.
Ngemuva kwalokhu uthuthele eGoli ukuyozama khona impilo wadlala efilimini kaDavid Kau ethi Abasebenzi. Uphinde waba sekwayeni kaBusiswa kwisizini yesithathu yomncintiswano iClash of the Choirs.
Uthe ngo-2017 uthole ucingo kubadidiyeli boZalo lapho ayefake khona isicelo somsebenzi ngo-2014. Waqashwa njenge-production assistant kodwa esho ukuthi uyazifela ngokulingisa kwaze kwaba bamnika ithuba.
Uveze nokuthi ngaphandle kokulingisa ufuna ukungena emculweni, okuyinto ayithanda kuqala, nokuba wumsakazi.