Ezokungcebeleka

UNorma uphumele obala ngokuthanda ucansi kukaGigaba

Nokubongwa Phenyane|Published

UNORMA Mngoma uphumele obala ngokuthanda ucansi nabesifazane kowayengumyeni wakhe, uMalusi Gigaba, athi wambamba endlini nowesifazane besembhedeni nokuyinto yokugcina eyaqeda umshado wabo

Image: Instagram

UGEQE amagula uNorma Mngoma ngokuthanda ucansi kowayengumyeni wakhe, uMalusi Gigaba, esiqeshini sayizolo sohlelo i-Untied ekhonjiswa kwiShowmax, neyethulwa uRelebogile Mabotja.

UNorma uveze ukuthi yize isimo phakathi kwabo sesingcono uma kuziwa ekukhuliseni amadodana abo, kodwa kukhona la ayemnyanya khona ngenxa yezinto azenzile.

Lo somabhizinisi uthe izinkinga zaqala uthando lwabo luselusha njengoba ayethunyelelwa ngabesifazane imiyalezo bemtshela ukuthi bayathandana nomyeni wakhe.

UNORMA Mngoma uthi kwabuya amazwi abesifazane ababemtshela ukuthi akathembekile kangakanani owayengumyeni wakhe, uMelusi Gigaba, ngesikhathi sekwenzeka izigameko ezihlukene okukhona kuzo ezama-video ocansi nokuthanda kwakhe ukubuka izitbombe zabesifazane abanqunu nokuyinto eyaphazamisa umshado wabo

Image: Instagram

Kodwa uthi wayemtshela ukuthi angakunaki konke okuqhamukayo njengoba kungabantu abamzondayo kwipolitiki.

Uthe ngisho unkosikazi wakhe omdala ayesezinhlelweni zokuhlukanisa naye wamtshela ukuthi uGigaba uzoqonywa abukise ngaye, nokuyinto angayinakanga.

“Ngangisemathandweni, naye futhi noma kukhona okuqhamukayo wayesheshe akuvimbe angibonise ukuthi abantu abamzondayo laba abangafuni ukumbona ejabule. Nami ngathatha konke okuhle ngaqala nganaka uthando lwethu, nokula sashada khona senginengane kwalandela eyesibili. Izinkinga zaqhubeka kodwa ngangikholelwa ekutheni ngifuna ukwakha umuzi wami, ngingaphazanyiswa yizinto engizizwa ngabantu ngomyeni wami,” kusho uNorma.

Uveze ukuthi okwafike kwaqeda uthando kuye ingesikhathi eqala ebheka ucingo lwakhe uGigaba, nala ayethola khona imiyalezo yabesifazane abehlulekile. 

Uthe okunye kungesikhathi izingane zimtshela ukuthi uzishiya komunye wesifazane uma ezikhipha nabangani bakhe.

“Izingane ngelinye ilanga zangitshela ukuthi uzishiya nomunye wesifazane uma engekho, acele amgadele. Ngadinwa ngendlela eyisimanga ngalolo suku nokwangiphula inhliziyo. Kula ngaqala ngayeka khona ukuhamba naye emicimbini ngoba sasingakhulumisani endlini. Ngagcina ngimbuza ukuthi yini emenza athande abesifazane ngakanga, wathi yingoba ukhule ebuka ubaba wakhe owayengumfundisi eqonywa nokuyinto abona ukuthi wayithatha,” kuchaza yena.

Ekhuluma nge-video engundabamlonyeni la uGigaba ayeveza khona isitho sakhe sangasese, uthe wajabula ngoba wayekade emkhuza ngokuthanda kwakhe ukuba nezithombe zocansi nokwenza ama-video alo.

“Nami ngaqala ukuyibona ngesikhathi isiphume emehlweni omphakathi kodwa ngangazi ukuthi khona abantu abanayo futhi bafuna imali ukuze ingaphumi emphakathini. Babefuna u-R1 million kwaze kwaba bafuna u-R800 000. Ngangingazi besafuna imali kuye yedwa kodwa bagcina beza nakimi beyifuna bethi bane-video yalolu hlobo. Yena wathi kimi i-video yethu siya ocansini ngazibuza ukuthi esayenza nini ngoba angikhumbuli siba nomzuzu okanjalo. Ngagcina ngiyivula ngihlezi naye ngajabha ukuthi ungiqambele amanga, ngamzwela kodwa futhi ngajabula ngoba kuningi ayeqamba amanga ngakho, ngimtshela ukuthi ngelinye ilanga uyovela esidlangalaleni ngalokho. Ngumuntu loya obesebenza endlini ebe ebuka ama-video ocansi nezithombe zocansi,” kuchaza yena.

Uthe wayeka ukulala naye nokwaqhubeka kwabaxabanisa.

“Ngakhetha ukuhamba ngiye ekhaya nezingane kuzoba yimpelasonto, ngamtshela ukuthi sizobuya ngoMsombuluko. Kodwa sabuya ngeSonto, nokula ngathi ngingena egumbini lethu lokulala ngamfica nowesifazane. Salwa ngendlela embi futhi ukube kwakukhona isibhamu endlini ngabe ngambulala. Kula ngalimaza khona imoto yakhe ngatshela nomunye wabangani bakhe ukuthi angisamdingi emzini wami, bobabili bangivulela amacala. Akwenza engeseka ngizolandwa amaphoyisa kwaba sengathi akazi lutho, waze wangibheyilela kodwa kube kunguye ongivulele icala, nakho kwangiphula inhliziyo,” kuchaza yena.

Uthe yize eseqala ukudlula kulesi simo kodwa akawucabangi umshado ufuna ukukhulisa izingane zakhe.