USOLWE ngokuba nomona umlingisi weSibaya ngesikhathi ebongela uThuso Mbedu ngokuhlabana ngethuba eliyingqayisivele lokuyolingisa emdlalweni ozoqoshelwa eHollywood e-United States iThe Underground Railroad.
Ubesematheni uThuso Mbedu ebongelwa abalandeli bakhe ngokunjalo nozakwabo endimeni yezobuciko izolo kodwa abantu kuneciko elilodwa abaphume iqhuzu nalo ngendlela elibongele ngalo lo mlingisi odabuka eMgungundlovu.
UNomzamo Mbatha, odlala indawo kaThandeka kwiSibaya ubhale ekhasini lakhe kuTwitter wathi: “Ngesikhathi ngihambela inhlolokhono ngathola nokuthi kubhekwe mina ukuthi ngilingise le ndawo ngangifa yinjabulo! Manje njengoba ngithola ukuthi le ndawo itholwe umkhaya wami okumufanele futhi kwenza ukuhluleka kwami kube ngconwanyana. Ngiyakubongela Thuso, ngiyazi uzoyishaya indawo kaCora.”
UTHUSO Mbedu ozobonakala kumdlalo okhiqizwa yi-Amazon, iThe Underground Railway
Awehlanga kahle lo mbhalo osususiwe kubantu be-twitter iningi limsola ngokufuna ukubukwa.
Nomzamo mbatha wants everything to be about her. pic.twitter.com/wLZgzka4tV
— Man's Not Barry Roux (@AdvBarryRoux) April 17, 2019
Nomzamo didn't have to mention that she auditioned for the role that Thuso got. All she had to do was congratulate Thuso and keep it moving. 🤷
— Arya Stark ❤️ (@Trixx_Ray) April 17, 2019
Nomzamo running to tell black twitter she was also up for the role pic.twitter.com/NzPdia2V3p
— URBANITE (@MdladlaSiya) April 17, 2019
Abanye nokho bamuvikelile uNomzamo bathi bayaqonda ukuthi ubethini.
All Nomzamo was trying to say was that she auditioned, she lost, it hurt, but she feels better about knowing that a South African actress got it. At least that's how I see it.
— Andile (@Ms_AndyXO) April 17, 2019
I don’t see what’s wrong with Nomzamo’s tweet. She auditioned; she came close; she was told that she was very much in the race - it seems; and then she didn’t get it. She’s disappointed but she is also happy for the person who did get it.
Why is it wrong to express that?
— Shezi (@Shezi_one) April 17, 2019