UNOMCEBO Zikode akaneme ngesinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli
Image: SITHUNYELWE
UNOMCEBO Zikode nenkampani yakhe, Emazulwini Productions, bathukuthele bayaveva ngesinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli esiphume ngoLwesihlanu.
Lo mculi ulahlwe yicala ayelifake kule nkantolo mayelana nenzuzo ngengoma eyamakhela umhlaba wonke ethi Jerusalema. Ngaphandle kwalokho inkantolo ibuye yathi lomculi kuzofanele aqophe amanye ama-albhamu amabili ngaphansi kwenkampani angasenabo ubudlelwano nabo, i-Open Mic Productions.
UNomcebo uthe okumphatha kabi ukuthi kuliqiniso ukuthi akatholanga nesenti ngeJerusalema nakuba idume umhlaba wonke. Nakuba kunjalo akakwazi ukuthola ubuqiniso bokuthi lengoma yazuza malini kule nkampani.
Kunalokho kubukelwe phansi iqhaza lakhe kule ngoma futhi wanqandwa ukuba angazuzilutho ngethukuthuku zakhe. Uthe njengamanje abameli basasicubungula isinqumo senkantolo ukuze bakwazi ukusiphonsela inselelo.
Abasohlangothini likaNomcebo bathi yize belihlonipha iqhaza lenkantolo kodwa ngeke bavume kunyathelwe amalungelo alo mculi, okuba ahlomule futhi ahlonishwe ngomsebenzi wakhe. Bathe impi kaNomcebo iyefana nebhekene nabanye abaculi abaningi bakuleli e-Afrika namaphethelo abaxhashazwayo.
Sebephetha bathe uNomcebo ngeke aphele amandla kodwa uzokulwa aze anqamuke izandla kuze kuba ubulungiswa buyenzeka kulolu daba. Uthe uyabonga ngokwesekwa akutholayo kubalandeli bakhe, kontanga nasemphakathini jikelele.