KUBIKWA ukuthi sizovalwa nguNolwazi Magwaza isikhala esavuleka ngemuva kokuhlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kweGagasi FM noNomalanga Shozi.
Isolezwe labika ngokumiswa kukaNomalanga emsebenzini ngemuva kokuphula imigomo yokusebenza. Ekupheleni kukaMashi umsakazo wakhipha isitatimende sokuthi bavumelane ngokuhlukana.
Wayenza izinhlelo okukhona kuzo iThe Flame at Night ngo-10 kuya ku-1 ekuseni ngoMsombuluko.
Wayephinde abuye noHeazy ngoMgqibelo ntambama.
Njengamanje lezi zinhlelo uHeazy uzisakaza yedwa.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo walo ongaphakathi kwiGagasi, uNolwazi uzothatha uhlelo lwango-10 kuya ku-1.
“UNolwazi uzothola uhlelo lukaNomalanga nalolu lwangeSonto lukaDiva (Kadach),” kusho umthombo.
UDiva wahamba kwiGagasi ngonyaka odlule. UNolwazi wafika ngonyaka odlule ephuma kwi-East Coast Radio ezokwenza uhlelo olungena ngo-1 kuya ku-4 ezintatha
ngoMgqibelo.
“Sinomuntu omusha manje abamqeqeshayo ongena ezintatha. Igama lakhe uHope Mbhele. Uma kuqala isizini entsha uzothatha uhlelo lwango-1 kuya ku-4 ekuseni (lukaNolwazi),” kuqhuba umthombo.
Umthombo uqhube wathi abaphathi beneme ngezibalo zabalaleli futhi ngeke zibe khona izinguquko ezinhlelweni zika-6 kuya ku-6 phakathi
nesonto.
“Into abaphathi abamatasa ngayo ukuthi isiteshi kumele siye ebhilidini elisha.”
Isiteshi kuthiwa siya eCornubia ukuze sizosondelana nabantu.
Okhulumela iGagasi uKhulekani Shandu, ushaye ngamafuphi wathi kuleli sonto bazokhipha isimemo sesithangami nabezindaba lapho bezoveza khona zonke izinhlelo zabo.