NGISHAYELWA inombolo engingayazi, uma ngiyibamba, owesilisa ungitshela ukuthi unguMlungisi, usuka eGoli uhamba noNkabinde (Zakhele Msibi) olingisa emdlalweni Isibaya, baphusha ingoma yakhe asanda kuyikhipha, ngakho bacela ukukhuluma ngayo.
Kodwa angitshele ukuthi bazoqala emsakazweni Ukhozi FM bese beza kimina, nakhona ngingabi nankinga ngixoxele ozakwethu ukuthi kuza lo mlingisi emahhovisi ethu.
Kube nokujabula kwabanye ozakwethu njengoba beyikhonzile le nsizwa ngenxa yegalelo layo ekulingiseni.
Kungakadluli sikhathi esingakanani, aphinde ashaye uMlungisi angitshele ukuthi sebefikile.
Nami ngifuna ukumbona uNkabinde, ngenxa yemigilingwane yakhe, nangempela ngizithele kuyena engilindile.
Ajabule ukuhlangana nami, ngiye nabo endaweni elungele ukuthi sixoxe, endleleni akathuli emlonyeni usungafunga ukuthi sazana kudala.
Akukho okuhlukile kunangendlela engihlala ngimbuka ngayo kuthelevishini njengoba enentshebe nezinwele ezinkulu futhi ekhuluma ngezwi elibhodlayo.
Siyiqala inkulumo yethu, uZakhele Msibi (48) njengoba aziwa kanjalo ngakubo eSoweto, uveze ukuthi yize esengene emculweni kodwa uthando lokulingisa lwafika lwashabalalisa konke ayezibona eyikhona uma esekhulile.
UZakhele uthe yena wayefuna ukuba usomabhizinisi, emkhakheni wezimoto njengoba ayethanda ukuzilungisa.
“Mina nomfowethu u-Amos olingisa emdlalweni eHostela nakuZalo sisakhula sahlangana nabalingisi abaziwa ngoPapayi noSpinach, ababekuthanda ukuqoqa intsha elokishini bayiyise ehholo ukuze bayifundise ukulingisa. Nathi sahlangana nabo saqala ukwenza imidlalo yeshashalazi ehlukene sifundiswa yibona. Ngemuva kwalokho umuntu walingisa emidlalweni ehlukene yeBomb Production okukhona kuyo iYizo Yizo, Zone 14 neminye-ke emincane eyayiqoshelwa elokishini,” kuchaza yena.
Uthe ngelinye ilanga beqopha enye yamafilimu amancane, wezwa ukuthi kunenhlolokhono, iBomb ifuna abalingisi abasha.
“Ngoba * -Angus ngase ngimazi, ngamfonela ngimbuza ukuthi kungani engangitsheli ngale nhlolokhono. Wangithethisa wangitshela ukuthi mina angiseyena umuntu wenhlolokhono, uma kukhona afuna ngibe yikho emidlalweni yabo uzongibiza. Ngemuva kwezinsuku ezimbili sikhulumile wangishayela ucingo wangitshela ukuthi angifike kuye kukhona afuna sikukhulume,” kuchaza uZakhele.
Uthe wafike wamtshela ngendawo kaNkabinde oyinyanga egangile nafunwa ilingiswe nguyena.
“Bangitshela ukuthi ake ngiqhamuke namaqhinga ahlukene azokwenza indawo yale nyanga ukuthi ihluke kwezijwayelekile futhi idonse amehlo abaningi. Ngaya kwaMai Mai komunye ugogo ngambuza izinto ezihlukene ngobunyanga saze safika emkhovini nokulapho yaqala khona indaba yokushintsha uZungu abe umkhovu futhi nabantu baqala ukuba nemizwa ehlukene ngami,” kuchaza uZakhele.
Uthe maduzane kulo mdlalo abantu bazocaciseleka ukuthi impi yakhe noZungu isuka kuphi.
Maduzane uthe uzokhipha iCD enezingoma ezingafikile kwezingu-10 eyaziwa nge-EP.
Ingoma aveze ukuthi isikhona manje ngethi Emadladleni, nathemba ukuthi abantu bazoyijabulela.
Uthe emculweni ubejwayele ukusebenza nabaculi abahlukene bempika nokuthe ebona ukuthi umculo ngenye yezinto asengazenza waqala ukusebenza ngawo.
“Le ngoma inesigqi somculo esaziwa ngokuthi amaPiano nengibathembisayo abalandeli bomculo ukuthi sizobashiya bejabule. Uma sengikwenze konke lokhu kwe-EP ngizosebenzela ekukhipheni i-albhamu,” kuchaza uZakhele.
Kule ngoma uthe usebenze noMabhoza, Mapentane noZing Master ophinde waba uphrojusa kule ngoma.
Uthi ushadile futhi unonkosikazi wakhe amthanda kakhulu. Banendodakazi eyodwa.
Uthe ungumshumayeli ebandleni labaPhostoli, izindaba zomuthi nobunyanga akazisebenzisi.