UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose uthi uyafisa ikhuthalelwe iwona wonke umuntu onamandla indaba yokusiza abafundi uma kudingeka.
Ukusho lokhu ngemuva kokuyonikela izihlalo esikoleni saseNkandla, iGolozela Secondary, ngoLwesithathu.
Kulesi sikole uKhuzani uthi wezwa kuthiwa abafundi bakhona baminyene bahlala ngabathathu ezihlalweni ezincane.
“Lesi sikole sikude kakhulu nasekhaya kodwa ngezwa ngesimo ababhekene naso ngathinteka kakhulu ngabona ukuthi nami angibasize kulesi simo abakusona. Ngikhethe ukuthi ngibathengele izihlalo ezingu-100 njengoba sekuyisikhathi sokubhala, nakanjani bebedinga ukuhlala ngokukhululeka ngenxa yokuthi sonke siyazi isikhathi sokuhlolwa sidinga ungaphazanyiswa yilutho,” kuchaza yena.
Uthe okuphinde kwamjabulisa efika kulesi sikole ukubona abafundi bakhona bejabulela lezi zihlalo njengoba ebashiye sebehlezi kuzona.
“Ngiyacela kwabanye abangakhona ukunikela ezikoleni ezahlukene kuleli bakwenze lokho njengoba kusho lukhulu kwesikwenza kubona. Nami uma amandla elokhu evelile ngizofaka la kudingeka khona,” kuchaza yena.
Uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Goodman Ntsele uthe: “Ukukhululeka kwabafundi kusho ukuthi abafundi bazokwenza kahle kakhulu, besingakulindele okwenziwe uKhuzani siyabonga asiqedi. Siyamfisela sengathi angaqhubeka nokwenza okuhle njengoba imfundo kuyiwona khiye wayo yonke into,” kuchaza yena.